
Okwenza u-Ernst Middendorp angawuhaleli oweBafana
Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp uthi akaziboni njengomuntu ofanele ukuvala isikhala somqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
UBroos usekuqinisekisile ukuthi uhlela ukuhoxa abuyele ekhaya eBelgium ngemuva kweNdebe yoMhlaba.
ISafa isikuvezile ukuthi seziqalile izinhlelo zokucinga umqeqeshi ozongena kulesi sikhala.
U-Ernst Middendorp uvumile ukuthi akakaze aqeqeshe iqembu lesizwe eminyakeni engaphezu kwamashumi amathathu engumqeqeshi.
“Angikaze ngiqeqeshe iqembu lesizwe kuyo yonke iminyaka engu-33,” kuahso uMiddendorp kwiKickOff.
“Ukuba umqeqeshi weqembu lesizwe akuyona into ongavele uyizame nje. Lowo msebenzi ubucayi kakhulu.
“Ukuze uwenze, udinga ulwazi nobungcweti bangempela, hhayi iziqu zokuqeqesha kuphela.
“Kufanele ukwazi ukusebenzisana nanabadlali abadlala ngaphandle kweNingizimu Afrika hhayi labo abadlala kwiPSL kuphela.”
Lo mqeqeshi odabuka eGermany ugcizelele ukuthi ukuzingabaza kwakhe akungoba engazethembi.
Uthi kunalokho kungoba ehlonipha izimfuno eziyingqayizivele eziza nokuphatha iqembu lesizwe.
“Lokhu kuhambisana nobungcweti bami neminyaka yamava,” kwengeza lo mqeqeshi.
U-Ernst Middendorp uvumile ukuthi nakuba eneziqu zokuqeqesha, akanalo ulwazi lokusingatha izingcindezi nezibopho ezihambisana nokuhola iqembu lesizwe.
FUNDA NALA | USibisi usanethemba ngeligi
“Ngingaba nentshisekelo yokunikela ngolwazi lwami nobungcweti kuleso sikhundla,”kuqhuba yena.
“Kodwa ngeke ngiphakamise isandla sami ngithi ngingathanda ukuba umqeqeshi weBafana Bafana ngemuva kukaHugo Broos.”
