EzintshaMTN8

UMorgan Gould uhlonza abazonquma oweMTN8

UMorgan Gould, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana, uthi kuzoqopheka umlando ngabadlali abancane okuyibona ababhekiwe kulo mdlalo.

Lo mdlalo uqhathe i-Orlando Pirates neStellenbosch FC kanti uzoba seMbombela Stadium, eNelspruit ngoMgqibelo – uqala ngo-6 ebusuku. 

Womabili lamaqembu anabadlali abasebancane abathokozisayo futhi abanamakhono amahle kakhulu.

UGould ubona isitobha sePirates, uMbekezeli Mbokazi sizoba ngukhiye ekusizeni iqembu laso lidle le ndebe okwesine kulandelana.

UMbokazi uzobe ebhekewe ukunqanda yonke imizamo yokuhlasela yeStellies, bese uKamogelo Sebelebele yena ahluphe izitobha. 

USebelebele ube nesandla ekutheni iPirates ifike kowamanqamu ngokushaya amagoli ayilamulele sekunzima kwiMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu. 

Ngaphezu kwalaba, kukhona noRelebohile Mofokeng no-Oswin Appollis abaqhamuka ezimpondweni bengasagayelwe mphako. 

KwiStellies, kukhona uDevin Titus okunguye ozohola iStellies uma sihlasela, ebambisene no-Andre de Jong, Lesiba Nku, Sanele Barns no-Ashley Cupido. 

Ngaphezu kokuthi usemncane, uTitus ungomunye wabadlali abanamava kwiStellies futhi usedlale imidlalo eminingi enengcindezi njengalona.

“Ngicabanga ukuthi kuzomsiza kakhulu lokho ngoba uyalwazi usikompilo lweStellenbosh,” kusho uGould. 

“USanele Barnes uzoba yiphela endlebeni ezitobheni zePirates futhi uzoa yingozi uma beke bathola amabhola abekwe phansi ahlaselayo.

“Kusekhona no-Andre de Jong owuhlupho kakhulu kubadlali basemuva njengoba ibhola akalilahli futhi uyakwazi ukuzilandela lona esiswini .

“Usuka nalo lapho aze ayongena ebhokisini enganakekile, abonakale ngoba esekhahlelela ipali nje,” kuchaza uGould.