
Mbuthuma: ‘Akunzima kangako ukuba ngumgadli’
Umgadli we-Orlando Pirates u-Yanela Mbuthuma uthi ukubekezela yiwona ukhiye wokuba ngumgadli ophumelelayo.
Lo mdlali ukholelwa ekutheni abadlali akumele bazifakele ingcindezi engadingekile.
UMbuthuma ugcine ekwazile ukubhakuzisa inethi kule sizini ngoLwesibili ebusuku.
Ushaye amagoli amabili ngesikhathi iPirates ibhubhisa iKruger United ngo-4-0 eMbombela Stadium.
UGamphani Lungu uvulele iPirates amagoli ngephenalthi ngomzuzu wesine.
UBoitumelo Radiopane ube eseshaya igoli lesibili lePirates ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
U-Yanela Mbuthuma ungene esuka ebhentshini – ethatha indawo kaRadiopane – waba nomthelela omkhulu emdlalweni.
Uqhubeke nefomu yakhe enhle ngemuva kokwakha amagoli amabili bebhekene neSekhukhune United.
Kulokhu, uMbuthuma ushaye amagoli amabili. Amagoli akhe asize iPirates yanqoba iKruger United ngamagoli amane.
UMbuthuma uthi imfihlo yokushaya amagoli ukubekezela nokulinda amathuba.
“Engingakusho ukuthi umdlalo ubunzima kakhulu,” kusho yena ngemuva komdlalo.
“Laba bantu basigijimisile. Ebesikuhlelile bekuwukushaya amagoli bese sinqoba.
“Besazi ukuthi ngeke babe ngcono kunathi, kodwa besazi ukuthi bazosihlasela.
“Sizame kanzima ukuze sishaye amagoli amaningi.
“Umqeqeshi ubesitshelile ukuthi sibekezele, amathuba azofika.
“Noma bengasihlasela, besazi ukuthi sizowathola amathuba okushaya amagoli.”
Ngemuva kokuzithola ehhanyezwa ngabalandeli, sekubuye kwajika njengoba abalandeli sebekhombisa ukumeseka.
Sekujwayelekile ukubezwa bememeza ikhama lakhe ngendlela yokumkhomoza uma izinto zingamvumi.
“Ngijabule kakhulu ngokwesekwa engikuthola kubalandeli.
“Kwenza kungabi nzima kangako ukuba ngumgadli,” kwengeza yena.
“Akumele uzifakele ingcindezi enkulu. Njengoba imidlalo iqhubeka, amathuba ayavela.
“Yingakho ngikwazile ukuwasebenzisa namuhla, futhi ngijabule kakhulu.”
- FUNDA NALA | Ubani owenze kahle kuCardoso noMokwena?
Njengoba eseqalile ukubhakuzisa inethi, u-Yanela Mbuthuma uzobheka ukuqhubeka nalo mgqigqo, ajabulise abalandeli abakhombise ukumeseka.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
