EzintshaOrlando Pirates

U-Appollis uphawula ngesiqalo sakhe kwiPirates

Futhi lokho ukwenze bebhekene neqembu lakhe langaphambili, iPolokwane City – okumshiye nemizwa exubile.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ushaye igoli lokuqala futhi wathola nephenathi eholele egolini lesibili ngesikhathi iPirates inqoba ngo 2-0.

Lokhu kwenzeke emdlalweni womzuliswano wokuqala weMTN8 obungoMgqibelo ntambama. 

U-Appollis, obeyisihlabani sePolokwane City uqokwe njengoMdlali obeVelele ngenxa yokusebenza kahle kwakhe kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium.

“Ngumphemela wokusebenza kweqembu lilonke”

Ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo, u-Appollis uzithobile, futhi waveza ukuthi lokhu kunqoba kungokweqembu lilonke.

“Ngijabule kakhulu, kodwa kumele ngibonge abadlali engidlalayo nabo,” kusho lo mdlali. 

“Ngaphandle kwabo, ngabe angikwazanga ukushaya igoli noma ukuthola lo mklomelo. Lo mklomelo oweqembu lonke.”

Usale nemizwa exubile 

U-Appollis uvumile ukuthi kummangazile ukushaya igoli lakhe lokuqala kwiPirates bebhekene neqembu asanda kulishiya emasontweni ambalwa edlule.

“Kuwumuzwa ongajwayelekile, kodwa bekumele ngiqhubekele phambili nebhola lami. Ngijabule ukuba kwi-Orlando Pirates. 

“Besisebenza kanzima isonto lonke silungiselela lo mdlalo, ngisho nangaphambi kokuqala kwesizini ngesikhathi siseSpain — konke lokho kuhlanganile namhlanje.”

Ucacisa isinqumo sephenathi

Iphenathi ebekelwe iPirates qede yavalelwa phakathi nguPatrick Maswanganyi abanye bayibone ingafanele. 

Kodwa u-Appollis uyicacisile indaba yayo, ethi uthintiwe eze ewa nje bese unompempe alikhombe emlotheni. 

“Yebo, ungithintile yena. Bengizama ukukhahlela ibhola kodwa wabe esengithinta ngemuva. Bekuyiphenathi ecacile.”

Inkathi entsha kwiBucs ngaphansi kuka-Ouaddou

Umdlalo uphinde waba ngowokuqala osemthethweni kamqeqeshi omusha wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, othathe isikhundla esishiywe uJose Riveiro. 

Lo mqeqeshi oke wasebenza kwiMarumo Gallants phambilini, uqophe umlando ngokuba ngumqeqeshi wokuqala oabuka eMorocco ukucija lezi ziqhwaga zaseSoweto.

Kube yisiqalo samaphupho ku-Appollis. Kwaba yisiqalo esiwinile ku-Ouaddou njengoba iPirates izibekisele indawo kweyandulela owamanqamu kwiMTN8. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO