
Siqinile isandla seCaf kwiSundowns ne-Esperance
IMamelodi Sundowns isijeziswe ngokusemthethweni ngesiphithiphithi esiqubuke ngemuva komdlalo wayo ne-Esperance.
Abalandeli balamaqembu balwa ngemuva komdlalo wabo weCaf Champions League obuseLoftus Stadium emasontweni amabili edlule.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iMamelodi Sundowns ishaye i-Esperance ngo 1-0.
Lona kwakuwumphumela obalulekile nowenze ukuthi idlulele kweyandulela owamanqamu ngemuva kokudlala ngokulingana emlenzeni wesibili.
ICaf isithathe izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe kanti beyisivele iyalele ukuthi iSundowns iyeke ukuvumela abalandeli bangene mahhala emidlalweni yayo.
Kodwa ngoLwesine, bamemezele imiphumela esemthethweni yokuqondiswa kobugwegwe.
“Ibhodi leCaf eliqondisa ubugwegwe lihlawulise iMamelodi Sundowns ngokwephula i-Article 82 no-83.2 ye-Caf Disciplinary Code.
“Iphinde yaphula i-Articles 32 no-35 yeCaf Safety and Security Regulations emdlalweni wayo weChampions League ne-Esperance (Ephreli 1, 2025),” kusho iCaf esitatimendeni.
“Iqembu litholwe linecala futhi layalelwa ukuba likhokhe inhlawulo engu-USD100 000 (R1.8 million).
“Kuzodingeka nokuthi balandele ngokuqinile izinyathelo zokuphepha eezisemthethweni ezibekwe yiCaf, imihlahlandlela neziqondiso, ikakhulukazi emidlalweni yayo ezayo.”
I-Esperance nayo ayizange iphunyuke ekujezisweni ngenxa yokubandakanyeka kwabalandeli bayo kule nxushunxushu eyenzeka.
“Ibhodi lokuqondisa ubugwegwe leCaf lihlawulise i-Espérance Sportive de Tunis ngokungaziphathi kahle nokwephula u-Article 82 no-83 zeCaf Code of Cinduct.
“Lokhu bekungenxa yokuziphatha okungafanele kwabalandeli bayo emdlalweni wayo weChampions League bebhekene neMamelodi Sundowns (1 Ephreli, 2025).
“Ibhodi okuqondisa ubugwegwe lithole i-Espérance Sportive de Tunis inecala futhi lakhipha inhlawulo engu-USD150 000 (R2.8 million).”
