EzintshaNedbank Cup

Uzigwaze ngowakhe uCardoso – ugembule kwabheda

UCardoso uqale umdlalo wezakhe neTS Galaxy eSolomon Mahlangu Stadium ngeqembu elinabadlali abangajwayele ukudlala.

Lokhu kugembula kwakhe kumqhathe nosizi njengoba iGalaxy isheshe yakhombisa ukuthi ngeke ibancenge.

Ibadidise ngamagoli amabili esiwombeni sokuqala, yabe seyibavala okokugcina emuva esiwombeni sesibili.

Umdlali obeyixake kakhulu – enqamula iminyakazo yayo eya phambili aphinde aqale eya phambili – nguMlungisi Mbunjane.

Uqokwe njengoMdlali obevelele, kodwa wathi ngokwakhe bonke abadlali beGalaxy bafanelwe yile ndondo. 

“Kusho lukhulu kakhulu lokhu. Sikwenzele abalandeli. Kuyajabulisa ukubona abalandeli abangaka.

“Angazi ngithini, kumnandi kakhulu,” kusho uMbunjana ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo.

“Uma kungathiwa angikhethe umdlali ofanelwe yile ndondo (yoMdlali oVelele), ngingayinika wonke umdlali weGalaxy.

“Uma udlala neSundowns udinga wonke umdlali ukuthi aphakamise izinga – yilkho esikwenzile.

“Sidlale kahle kusukla emuva kuya phambili, kube wumdlalo omuhle kakhulu.”

Amagoli eGalaxy ashaywe ngoSthabiso Ngwenya noJunior Zindonga obengayinike ithuba iSundowns emuva.