EzintshaOrlando Pirates

Okushiwo u-Appollis i-Orlando Pirates ibuyela esicongweni

AmaBhakabhaka anqobe ngo 2-0 eshaya iRichards Bay e-Orlando Amstel Arena ngoLwesithathu ebusuku.

Lokhu kuwina kwenza i-Orlando Pirates ilingane ngamaphuzu neMamelodi Sundowns. Nokho isihlezi phezulu ngenxa yomehluko wamagoli. 

Ingcindezi ibiphezulu ngemuva kokuthi iSundowns inqobile ngoLwesibili, kodwa iBucs iphendule ngesitayela.

U-Oswin Appollis nguye ovule inkundla ngegoli esiwombeni sokuqala. Uqedele ngobuchule umnyakazo omuhle wokuhlasela.

U-Evidence Makgopa ube eseshayela isipikili sokugcina ngegoli lesibili ekupheleni komdlalo. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umdlali ovelele u-Appollis uthe bekuwumzamo weqembu, futhi bebazi ukuthi kufanele bawine.

“Ngibonga ozakwethu – sisebenze kakhulu namuhla. Sesiwudinga lo mphumela,” kusho u-Appollis. 

“Sonke siyasebenza, sonke siyawashaya amagoli. Kubaluleki ukuthi siyaye amaholi amanisi ngoba siyawakha amathuba.

“Umqeqeqeshi usasinxenxa ukubaya sishaye amagoli, kanti nathi singabadlali sivle siyawafuna amagoli.”