
UCedric Kaze ukhiphe izibalo zeChiefs, uthi benza kangcono
Njengoba bebhekene nolaka lwabalandeli abafuna bexpshwe, umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze usevule amabhuku omlando nezibalo zakamuva ukuzivikela.
Abalandeli baMakhosi babhikishe baya ekomkhulu lekilabhu eNaturena beyofaka isicelo kubaphathi ukuthi kuxoshwe uKaze nabambisene naye uKhalil Ben Youssef.
Kodwa uCedric Kaze usekhiphe izibalo ezikhombisa ukuthi isimo seKaizer Chiefs asisibi ngendlela abaningi abacabanga ngayo.
Ekhomba ibhodi elinalezi zibalo kwingqungqthela yabezindaba ngoLwesine, uKaze uthi iqembu lingcono kakhulu kunakumasizini edlule.
UKUQHATHANISA
UKaze uqhathanise isimo seqembu kumasizini edlule ngemuva kwemidlalo engu-18, nelikuso njengamanje.
Uthi iqembu njengamanje linamaphuzu amaningi kunakumasizini amabili adlule futhi lisahlulwe imidlalo embalwa:
- Isizini ka-2023/24: Ibinamaphuzu angu-25, isendaweni ka-10, futhi isihlulwe emidlalweni eyisikhombisa.
- Isizini ka2024/25 Season: Ibinama[huzu angu-24, isendaweni yesishiyagalolunye futhi seyihlulwe emidlalweni eyisishiyagalombili.
- Kule sizini (2025/26): Inamaphuzu angu-30, isendaweni yesithupha futhi isahlulwe kane kuphela.
“Kodwa namuhla ngemuva kwemidlalo engu-18 sisahlulwe kane kuphela futhi sinamaphuzu angu-30,” kuchaza uKaze.
“Ngenxa yaleso simo, ngizonikhombisa zonke izibalo zale sizini.”
ZINHLE IZIBALO
Ibhodi likaCedric Kaze liveze ukuthi yize imiphuemla ingemihle muva nje, izibalo zithi iKaizer Chiefs yenza kahle.
Ziveze ukuthi iChiefs ingelinye lamaqembu aphambili kwiBetway Premiership kulokhu:
- Ukugcina ibhola: IChiefs sit ino-59.4% wokugcinwa kwebhola, kanti ingemuva kweMamelodi Sundowns kuphela.
- Ukuphaswa kahle kwebhola: Isendaweni yesibili ngokushaya amaphasi aphelela lapho kuqondwe khona.
Ishaya amaphasi okungenani angu-415 ashaya emhlolweni umdlalo ngamunye. - Ukuhlasela: Ihamba phambili ngokukhahlelela ipali njengoba ilikhahlelela okungenani amahlandla angu-15.5 umdlalo ngamunye.
Kulowo 15.5, kuba amahlandla abalelwa ku-5.2 aba ngamabhola asuke eqonde epalini. - Umjiko nesitayela: Ihamba phambili ngomjiko omuhle nophumelelayo njengoba kuba amahlandla okungenani angu-9.5 umdlalo ngamunye.
UKUQINA EMUVA
Yize ivuza emidlalweni yakamuva, uKaze uveze ukuthi namanje iseyiqembu lesibili kwanemidlalo eminingi la bengangenelwanga khona goli.
Yi-Orlando Pirates kuphela ephambi kwabo kulokhu. Nokho ke lezi zibalo kuncane ezizokwenza ukumehlisela ulaka lwabalandeli.
Abahleli bombhikisho, njengoDiakanya Makgato, babekele ikilabhu umbandela wokuthi baxoshwe ngaphambi komdlalo wangeSonto.
Sekuke kwavela ke nokuthi ikilabhu izamile ukubachitha, kodwa benqaba bathi bazibona besayilawula kahle inqola.
FUNDA NALA | Kuyathembisa ngoPetersen kwiChiefs
UKaze wenze umsebenzi omuhle ngokwezibalo aziveze kuleli bhodi lakhe, kodwa abalandeli bachazwa kuphela ngumphumela womdlalo.
Njengoba kunomdlalo neDurban City ngeSonto, izibalo ngeke zisho lutho uma iqembu lihluleka ukushaya amagoli bese liqoqa amaphuzu amathathu.
