
Ezithembisayo kwiKaizer Chiefs ngesimo sikaBrandon Petersen
IKaizer Chiefs isithole izindaba ezithembisayo ngesimo sikaputeni wayo uBrandon Petersen okuvela ukuthi usebuyele ejimini.
Lo nozinti oneminyaka engu-31 ubudala ubengadlali selokhu ahlinzwa ngenxa yokuvuvukalelwa yithumbu.
Lokhu kwenzeka ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi komdlalo obubhekwe ngabomvu.
Ukulaliswa kukaBrandon Petersen esibhedlela kungazelelwe kwaba nomthelela omkhulu kwiKaizer Chiefs.
Lo nozinti ubeyinsika yodonga lwasemuva kuleli qembu kule sizini, kanti akangenelwanga goli emidlalweni engu-15 kwengu-27 asayidlalile.
Ngaphandle kwakhe, iqembu lithwale kanzima, lahlulwa emidlalweni emine kulandelana kuyo yonke imiqhudelwano.
UMTHELELA OMUBI
Ngesikhathi uPetersen engekho, uBruce Bvuma nguye ungene eqenjini eliqala imidlalo.
Kodwa-ke, kucacile ukuthi ubesenesikhathi agcina ukudlala futhi lolu guquko lube nzima kulezi ziqhwaga zaseSoweto:
- Isiphihli kwidabhi: Yahlulwa kabuhlungu ngo 3-0 yi-Orlando Pirates.
- Kwayiphinda lokho: Iphinde yashaywa yiRichards Bay ngo 1-0.
- Idili lamagoli: Ingenelwe amagoli amane emidlalweni emibili ngaphandle kukaPetersen.
Yize uBvuma engumakadebona, isikhala sobuholi bukaPetersen sihlale obala eqenjini ikakhulukazi ekuhleleni udonga lwasemuva.
ISIMO SIKA-PETERSEN
IChiefs izobhekana neDurban City esefomini enhle kulezi zinsuku eFNB Stadium ngeSonto kanti iyakudinga ukunqoba.
Yize uPetersen eseqalile ukujima. Kodwa kuthiwa akakabuyeli eqenjini ngokugcwele kanti ithimba lezokwelapha bakholwa ukuthi ngeke adlale kule mpelasonto.
Futhi kubukeka ezoze abuye ngemuva kwekhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe elizoqala ekupheleni kwale nyanga.
Leli khefu lizoqala ngemuva komdlalo la iChiefs izogadulisana khona neMagesi FC ngomhla ngoMashi 21.
Ukuhlinzwa kukaPetersen kuphinde kwamkhipha ekutheni abe sethubeni lokuqokelwa eqenjini likaHugo Broos elizodlala imidlalo yobungani nePanama.
IQEMBU LIYAMDINGA
Ithimba labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs lilindele ukuthi uBrandon Petersen abe esesimweni esifanele uma sekuqhubeka iligi ekuqaleni kuka-Ephreli.
Njengamanje Amakhosi ahlezi endaweni yesithupha. Abaqeqeshi sebebekelwe umbandlea wokufaka leli qembu kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Lokhu kusho ukuthi kumele banqobe isicoco seBetway Premiership, noma baqede endaweni yesibili.
IChiefs isilele ngemidlalo emibili kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns abazihola phambili.
FUNDA NALA | Okuchaze u-Appollis beshaya iBay
Ukubuya kukakaputeni wayo kulindeleke ukuthi kwenyuse umfutho eqenjini, kubuyise nokuzethemba.
Uma uBrandon Petersen engasheshe abuyele emgqigqweni wakhe, iKaizer Chiefs isangakwazi ukuyiqeda ngegiya eliphezulu le sizini.
