Ezintsha

UYeye uvuleleka ngezinselelo zokuqeqesha eBotswana 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-43 ubudala ucija iMatebele FC kusukela ngoSepthemba — kanti lona ngumsebenzi wakhe wokuqala njengomqeqeshi ozimele ngokwakhe. 

Lokhu kwenzeke ngemuva kokusebenza njengomqeqeshi wwekulisa kuMaZulu FC nokusiza uMolefi Ntseki kwiBafana Bafana kwi-African Nations Championship (Chan).

Nokho umsebenzi wakhe kwiFNB Premiership yaseBotswana awubanga nesiqalo abesifisa njengoba ephikwa yimiphumela. 

IMatebele isabheke ukunqoba kokokuqala kule sizini njengoba ihlulwe kathathu yadlala ngokulingana kowodwa emidlalweni emine esayidlalile.

Ekhuluma ngohambo lwakhe kuze kube manje, uYeye uvumile ukuthi lo msebenzi uyinselelo enkulu kuye — ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.

“Ukuza eBotswana kunginikeze izinselelo ngezindlela eziningi ezingiqinisayo— ngokobuhlakani bomsebenzi wokuqeqesha, ngokwenhlalo, ngokomzimba, nangokomoya. 

“Into eyodwa engiyithokozelayo ngakho konke lokho ukuthi ngiba inguqulo yami engcono nsuku zonke,” kubhala yena kwi-Intsagram yakhe.

Lesi sinyathelo siphinde siphawule okokuqala uYeye esebenza ngaphandle kweNingizimu Afrika njengoba engazange adlale phesheya ngesikhathi esengumdlali.

Naphezu kwesiqalo esinzima, le nsizwa eyayingumdlali wasesiswini isalokhu inethemba lokuthi uhambo lwayo lokuqeqesha luzoba nomvuzo wempumelelo maduze. 

IMatebele izobhekana neGunners FC ngemuva kwekhefu leFifa, lapho uYeye ezobe ebheke khona ukunqoba okokuqala njengomqeqeshi ozimele.