EzintshaNedbank Cup

Uvume ubunzima owoSuthu bedlula kwiPolokwane

Usuthu lunqobe ngo 2-1 kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesibili ebusuku.

UTariq Fielies ubeke AmZulu phambili ngasekuqaleni komdlalo. Kudlule isikhashana, iPolokwane yasala nabadlali abangaphelele.

Lokhu bekulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu komdlali wayo. Ilwile ke kodwa.

Ikwazile ukulinganisa. Kodwa uThandolwenkosi Ngwenya yawigwinya ekugcineneni ngegoli esiwombeni sesibili esikhathini esengeziwe.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNkosikhona Radebe – oqokwe njengoMdlali oVelele – uvume ukuthi bekunzima.

“Bekungekho lula, yize bebengasaphelele kodwa basilwisile,” kusho uRadebe ngalo mdlalo.

“Badlala ibhola elicishe lifane nelethu okuyinto eyenza kube nzima kithi njalo uma sidlala nabo.

“Bekubalulekile ke kodwa ukuthi sithole umphumela omuhle ngoba asikwazi ukudliwa kabili kulandelana.

“Phela asilona iqembu elincane thina,” kusho uRadebe oneminyaka engu-24 ubudala. 

Umqeqeshi woSuthu, u-Arthur Zwane yena uthe bacishe baziqhatha nenduku kungenasidingo.

“Kuthe uma sishaya igoli, babe sebethola ikhadi elibomvu sazitshela ukuthi umdlalo usuzoba lula.

“Kodwa ke kuhlezi kuba nzima uma ubhekene neqembu elingasaphelele.

“Bebengasibamba nje bathole igoli lesibili. Besifuna ukudlula kodwa senze kwaba nzima.”

AmaZulu azothola ngoLwesithathu ukuthi yiliphi iqembu azobhekana nalo emzuliswaneni olandelayo kwiNedbank Cup.