
UVilakazi uveza umgomo obekelwe AmaZulu ngesizini entsha
AmaZulu FC asekhiphe isitatimende esiqinile ngesizini zayo njengoba iphini lomqeqeshi uSiboniso “Nini” Vilakazi, ethi bafuna ukwakha iqembu elinomqondo wokunqoba yonke imidlalo eliyidlalayo.
UVilakazi ukusho lokhu ngemuva kokuthi Usuthu lushaye iMidlands Wanderers ngo 2-0, afinyelela kowamanqamu kwiKZN Premier’s Cup.
Uthe ujatshuliswe yindlela iqembu elivale ngayo emuva futhi lazivumelanisa nezimo zomdlalo.
“Ngesikhathi singenalo ibhola senze kahle kakhulu,” kusho uVilakazi.
“Siqale ngokudlala nge-medium block, bese sifuna ukuguqukela kwi-high press.
“Lokho kusisizile ukuthi sishaye amagoli, ikakhulukazi elesibili.
“Ngemuva kwalokho basiphoqe ukuthi sidlale nge-low block, kodwa siphendule kahle ngokumaka abadlali babo eduze.”
Yize enelisekile ngokunqoba, uVilakazi uthe iqembu belingashaya amagoli amaningi.
“Besingcono kakhulu uma sihlasela futhi bekumele sishaye okungenani amagoli amane esiwombeni sokuqala.
“Sisadinga ukuthuthuka kakhulu esigabeni sokugcina sokuhlasela.”
Ebheka umdlalo wamanqamu, uVilakazi uthe AmaZulu afuna ukwakha isiko lokunqoba.
“Sifike lapha sifuna ukudlala imidlalo emibili, sinqobe owandulela owamanqamu bese sifinyelela kowamanqamu,” kusho yena.
SingaMaZulu sifuna ukunqoba wonke umdlalo esiwudlalayo. Yilowo mqondo esifuna ukuwufaka kubadlali.
“Sifuna abadlali bakholwe ukuthi awukho umqhudelwano esingeke siwunqobe. Sifuna ukunqoba yonke esiyidlalayo.”
- FUNDA NALA | OweChicago uqhathanisa uMbokazi noDithejane
UMlondi Mbanjwa noThandolwenkosi Ngwenya yibona abashaye amagoli athumele Usuthu kowamanqamu.
AmaZulu manje azobhekana nozonqoba phakathi kweMilford FC neRichards Bay kowamanqamu ozodlalelwa ePrincess Magogo Stadium ngeSonto ntambama.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
