EzintshaMTN8

UMngqithi akakhathazekile, ‘iDowns beyiyidinga induku’

  • Sibongiseni GUMBI

ISundowns ibhekane neStellenbosch emlenzeni wokuqala wemidlalo eyandulela owamanqamu kwiMTN8 naseLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu ebusuku, yahlulwa ngo 1-0. 

Yize ibidlalela ekhaya, iSundowns yehlulekile ukusebenzisa amathuba futhi iStellies iphume ihleka yodwa ngemuva kwegoli likaFawaaz Basadien obekuyiphenathi. 

Unozinti weStellenbosch, uSage Stephens, ubesefomini ephezulu futhi uchithe yonke imizamo yeSundowns. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo uMngqithi uvumile ukuthi iqembu lakhe lisathuthuka. 

Uvumile futhi ukuthi usemningi umsebenzi obahlalele. Lona bekuwumdlalo wesibili kaMngqithi njengomqeqeshi. 

Uthathe izintambo ngemuva kokushiya kukaRulani Mokwena ngoJuni.

“Uma sikhuluma iqiniso, luselude ukhalo okumele luhanjwe kodwa kwiSundowns kulindeleke ukuthi siwine yonke imidlalo. 

“Ngikholwa wukuthi sizoyithola imiphumela,” kusho uMngqithi. Uqinisekise abalandeli ukuthi iqembu lizohluka emlenzeni wesibili. 

UMngqithi ukugcizelele ukubaluleka kwalokhu kuhlulwa akubona kuzobavusa emaqandeni. 

“Uma uhlezi uwina, ngisho nangaphandle kokukusebenzela, kudala umuzwa ongamanga wokuthi kukufanele ukunqoba. 

“Lokhu kuhlulwa kuyinto enhle ezosivusa emaqandeni,” kwengeza lo mqeqeshi.

Usezethemba ukuthi iSundowns izobuya. 

“Ngiyazethemba ukuthi sizokwenza kahle emlenzeni wesibili,” kuphetha yena.

ISundowns izodinga ukusheshe idlule kule mphumela ongemuhle futhi izibambe ziqine njengoba kuyiwa emlenzeni wesibili.

Umlenze wesibili, ongeSonto, uzoba yisivivinyo esimqoka kuMngqithi neqembu lakhe. 

Abalandeli bazobe bemagange ukubona ukuthi bazophendula kanjani njengoba vele kukhona abangeneme phakathi kwabo.

Okungamsiza uMngithi wukuthi lo mdlalo useMoses Mabhida Stadium eThekwini, okuyinkundla iStellies engayijwayele kahle.