
Ezimbi kwiBafana ngoRele Mofokeng – oweChiefs uvala isikhala
IBafana Bafana isigqemeke ingozi embi ngomunye wabadlali bayo abayizethenjwa, uRelebohile Mofokeng osehoxile eqenjini ngaphambi kwemidlalo ebalulekile.
Lolu shintsho luza ngaphambi kwemidlalo ebalulekile yeqembu lesizwe yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026 elizobhekana kuyo neZimbabwe neRwanda.
URele Mofokeng, osefomini enhle kwi-Orlando Pirates kule sizini, uphoqeleke ukuthi ahoxe eqenjini ngenxa yokulimala okungakacaciswa ngakho.
Kukholakala ukuthi lo mdlali udlale evele exhugela ngempelasonto iPirates ibhekene neSiwelele FC kwiCarling Knockout.
Lokhu kuhoxa kwakhe sekuvule igebe ebelingazelelwe eqenjini lakaHugo Broos elizidinga zonke izithenjwa zalo kule midlalo ezayo.
Sekuqokwe omunye umdlali osemncane futhi othembisayo, uMduduzi Shabalala Shabalala ukuba azovala isikhala sikaRele Mofokeng kwiBafana Bafana.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethiniÂ
Ukubizwa kwakhe kufanele kumnike ukuzethemba okukhulu uShabalala, obelokhu enza kahle kuleli qembu elizinze eNaturena kule sizini.
UShabalala ubekhona eqenjini lokuqala labadlali abangu-45 elaqokwa uBroos, kodwa akazange angene kwelokugcina labadlali abangu-23 eliqokwe ngesonto eledlule.
Kodwa manje uthola ithuba lokuphinde azibonakalise kuBroos ejimini ukuze angene eqenjini losuku lomdlalo kule midlalo emibili ebalulekile.
FUNDA NALA | Ukuba matasa kweChiefs kuhoxise iLegacy Cup
IBafana Bafana idinga ukuyinqoba yomibili le midlalo, bese ihlalela ethembeni lokuthi iBenin izohlulwa noma idlale ngokulingana kowodwa weyayi.
Yilena kuphela indlela ezoqinisekisa ukudlulela eNdebeni yoMhlaba yangonyaka ozayo kweBafana Bafana kulandela ukuphucwa amaphuzu amathathu kwakamuva.
