
UVilakazi uveza okwenze umehluko Usuthu lubuya ngamandla
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi waMaZulu FC, uVusumuzi Vilakazi, usencome ukusebenza kanzima ngesikhathi sekhefu leFifa ngokunqoba kwabo ngo 3-1 kwiRichards Bay.
Usuthu lubuyele emidlalweni yeBetway Premiership ngoMgqibelo la ludlale khona kahle eKing Zwelithini Stadium.
Ukunqoba kulukhiphe endaweni yokugawulwa yizembe, nakuba lusaqhele ngephuzu elilodwa nje kuphela.
UVilakazi ugqamise inqubekela phambili yabo kusukela yena no-Arthur Zwane betahthe izintambo zokuphatha kuleli qembu ngo-Okthoba.
“Besazi ukuthi iRichards Bay izoba nzima. Womabili amaqembu abedinga ukunqoba.
“Ukuzilungiselela kwethu kushaye emhlolweni,” kusho uVilakazi ngemuva kwalo mdlalo.
Uncome ikhefu lamasonto amane, athi libanike isikhathi esanele sokuhlanganisa kahle iqembi.
“Isikhathi esengeziwe sisisize ukuthi sakhe ubumbano nokuzwana. Ukunqoba namuhla kufakazela ukuthi ukuzilungiselela bekubalulekile,” kwengeza yena.
Ithimba labaqeqeshi kudingeke ukuthi lijike amaqebo okudlala ngemuva kokuthi iRichards Bay ihlukane noBrandon Truter sekusele usuku ngaphambi komdlalo.
Amagoli kaRowan Human, u-Etiosa Ighodaro, no-Ethan Brooks yiwo size Usuthu lunqobe kulo mdlalo obungelula.
“Silungiselele iqembu eliholwa nguTruter kodwa kudingeke ukuthi sijike izinto uma sesithola ukuthi bajikile, emuva abasavalile ngabadlali abahlanu, sebebane.
“Ngenhlanhla izinguquko zethu zisebenzile,” kusho uVilakazi ocija Usuthu ngokubambisana noZwane.
AmaZulu abephethe ibhola futhi akhe amathuba amahle. Ahambe phambili ngo 1-0 ngesikhathi sekhefu, engeza amanye amagoli amabili esiwombeni sesibili.
“Siqale ngamandla, sagcina ibhola, sakha namathuba. Ukuwina kuzo zombili iziwombe bekuvele kuwuhlelo lwethu, futhi lusebenzile,” kuphetha uVilakazi.
