EzintshaOrlando Pirates

UVilakazi ukhalela oweDowns ambona engamuhle kwiBucs

UBenedict “Tso” Vilakazi, oyinkakha ye-Orlando Pirates, ubona omunye wabadlali beMamelodi Sundowns kufanele baye kulezi zinkunzi zaseSoweto ukuze bavelele ngokuphelele.

Le nsizwa emfishanyane eyazakhela ugazi kuMabhakabhaka ngebhola elihle elihlaselayo eyayilidlala, ithi uNeo Maema engafika angene khaxa kwiPirates.

UMaema ulithola amacozucozu ijezi kwiSundowns njengoba inabadlali abaningi kakhulu abadlala indawo efanayo naye.

“UMaema ungumdlali waseswini ohamba nebhola lapho likhona. Uma iSundowns ihlasela, naye ukhona lapho,” kusho uVilakazi. 

“Ngimbona engafitha khaxa kwi-Orlando Pirates ngoba udlala ibhola elidlalwa yiPirates.

“Engenza umsebenzi ube lula futhi axhumane kahle nabadlali abanjengoRelebohile Mofokeng, Patrick Maswangayi, noThalente Mbatha.” 

Ngesizini edlule isimo besisibi kakhulu kuMaema njengoba ijezi belimeqa udede ngaphansi kuukaRulani Mokoena.

Nokho kule sizini isimo sithanda ukuba ngconywana njengoba uManqoba Mngqithi ebashintshashintsha abadlali.

“UMaema ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi lokhu ukhombise kahle kulama masizini amabili adlule kwiMamelodi Sundowns, eyishayela amagoli amqoka,” kwengeza uVilakazi.. 

Uqale ukugqama ebholeni elikhokhelayo ekwiBloemfontein Celtic ngaphambi kokuthi asayine kwiSundowns.

UMaema useke wabizwa ngumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos kodwa wabuya wamyeka ngenxa yokuthi ijezi belimeqa kwiSundowns.