EzintshaKaizer Chiefs

UNabi ukhuza abagiya kusaphekwa kwiChiefs

Ngokokuqala ngqa eminyakeni emihlanu ukuthi iKaizer Chiefs iqale isizini ngokunqoba kabili kulandelana emidllaweni yeligi.

Kodwa phezu kwalesi siqalo esihle nesijabulisayo kubalandeli, umqeqeshi uNasreddine Nabi usenxuse ukuthi kwehliswe imimoya. 

Amakhosi aqale isiwombe sokuqala somdlalo wao weBetway Premiership naMaZulu ngendlela emangazayo.

Isiwombe sokuqala siphele IChiefs isivele ihamba phambili ngo 3-0 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Amagoli abephuma kuRanga Chivaviro, Gaston Sirino, no-Inacio Miguel kanti wonke angene kungakapheli ngisho imizuzu engu-25 umdlalo uqalile.

Nokho, isiwombe sesibili sibe yindaba ehlukile. Igoli elisheshayo lika-Etiosa Ighodaro lixove izinhlelo zeChiefs. 

Futhi AmaZulu kwale inhlanhla ukuthi abuyele kulo mdlalo, aphume okungenani nephuzu amabhola awo eshaya ipali kabili. 

Yize bekunengcindezi, iChiefs ikwazile ukubambelela ize igcine inqobe okwesibili kulandelana. 

UNabi, nakuba ejabule ngomphumela, uxwayise ngokuthi iqembu lisewumsebenzi oqhubekayo. 

“Sisafunda futhi sakha isisekelo sethu,” usho kanje engxoxweni yakhe yangemva komdlalo neSuperSport TV. 

“Kusewumdlalo wesibili nje, futhi sisesesigabeni sokwakha. Kuningi okumele kusetshenzwe ngakho.”

Ukunqoba, nakuba kubalulekile, ukwamukele ngokuqaphela umqeqeshi.

Ukhumbuze abalandeli ukuthi kusekude phambili. 

“Sidinga isikhathi sokukhula nokuthuthuka. Kuseyizinsuku zokuqala lezi, futhi sigxile ekuqiniseni isisekelo sethu.”

UNabi uphinde waba namazwi okuhlonipha AmaZulu nomqeqeshi wawo, uPablo Franco Martin, osehlulwe kabili kulandelana. 

“Kumele siwancome AmaZulu, alwe kanzima ngesiwombe sesibili. 

“Ukushaya igoli ngokushesha esiwombeni sesibili kwenze kwaba nzima kithi ukuqhubeka nokulawula umdlalo. 

“Kodwa lokhu kusengumphumela omuhle kithi, futhi sizokwakhela phezu kwawo ukusuka lapha.”

Abalandeli beChiefs kungenzeka bantanta emoyeni yinjabulo, kodwa umyalezo kaNabi’ ucacile: umsebenzi usemnini. 

Isivivinyo esikhulu sikaNabi singoMgqibelo lapho ezobhekena khona neMamelodi Sundowns eshaya kwasani ephambi kwayo eFNB Stadium.