EzintshaOrlando Pirates

IStellies ‘ivalelisa’ uSihle Nduli okhonjwa kwiBucs

Lo mdlali wasesiswini kukholakala ukuthi udlala umdlalo wakhe wokugcina kwiStellies njengoba ezoyoqala eqenjini elisha ngesizini ezayo.

Amahlebezi aveza ukuthi uzojoyina i-Orlando Pirates ngesizini ezayo ngemuva kokwenza kahle kwiStellies iminyaka emithathu. 

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala kubikwa ukuthi usefinyelele esivumelwaneni sokujoyina i-Orlando Pirates ngesizini ezayo. 

Futhi njengendlela yokumhlonipha, iStellies simqoke ukuba abe ngukaputeni njengoba edlala umdlalo wakhe wokugcina. 

IStellies sidlala idabhi yaseKapa neCape Town City eCape Town Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Ilwela ukuphinde iqede endaweni yesithathu ukuze ibuyele kwiCaf Confederation Cup nangesizini ezayo.

Llei qembu likaSteve Barker lenze kahle ngesizini yalo yokuqala kulo mqhudelwano wezwekazi.

Lihambe lazo layofika esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu lapho likhishwe khona yiSimba SC yaseTanzania. 

Kodwa manje leli qembu kulindeleke ukuthi lizivuselele kabusha ngaphambi kwesizini entsha.

USihle Nduli ungomunye wabadlali abangavunyelwa ukuthi bashiye ngemuva kokulisebenzela ngokuzinikela nokwethembeka leli qembu. 

UFawaaz Basadien naye ungomunye wabadlali obekulokhu kunokuqagela ngekusasa labo kule minyaka embalwa edlule. 

Kulindeleke ukuthi adlulele kwesinye sezikhondlakhondla zaseGauteng kanti iMamelodi Sundowns kuthiwa isijoyine umjaho wokumsayina.

Phambilini ubemataniswa nePirates neKaizer Chiefs, kodwa iStellies senqaba ukubadayisela kokuqala kwale sizini. 

Ukuthi uzovunyelwa yini naye ukuthi ashiye ngenye yezinto ezizobe zibhekwe ngabomvu uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.

Ngaphezu kwalokho, ukuthi uma evunyelwa ukushiya uzophelelaphi nakho kuzoba indaba egudwini njengoba ehalelwa amaqembu amakhulu wonke.