
Isensimini inkomo kwiSundowns eziqansisele kwiChamps League
Kubhimbe ekugcineni iMamelodi Sundowns isifaka ingcindezi ngokubambana nePyramids FC ngo 1-1 emdlalweni womlenze wokuqala womdlalo wamanqamu.
Lo mdlalo obuseLoftus Versfeld Stadium ebigcwele phama ngoMgqibelo ntambama.
Bezithengana ngasekuqaleni kwalo mdlalo futhi kubonakala ukuthi womabili amaqembu azimisele ngokunqoba.
Lokhu kwenze kwaba wumdlalo omuhle, ovulelekile nothokozisayo kubalandeli, ikakhulukazi abeMamelodi Sundowns.
Umzuzu omqoka walo mdlalo ufike ngomzuzu ka-54 lapho uLucas Ribeiro Costa ethola igoli, ebeka iqembu lasekhaya phambili.
Naphezu kokuwulawula umdlalo nokwakha amathuba amaningana, iSundowns aayikwazanga ukwengeza elinye igoli.
Nokho iPyramids ibuyele kulo mdlalo, ishaya igoli elimqoka lasekuhambeni ngomzuzu ka-94 ngonyawo lukaWalid El Karti.
Ngaleyo ndlela umdlalo womlenze wesibili usavulekile. Lo mdlalo uzoba se-Egypt ngempelasonto ezayo.
- Izikhathi ebezibalulekile kulo mdlalo:
54′ Igoli: U-Lucas Ribeiro Costa usebenzise ukulala kwezitobha zePyramids ukuze ashaye igoli lokuqala.
68′ Ithuba: U-Iqraam Rayners udedele ishodi kodwa lavinjwa yizitobha zePyramids.
73′: U-Walid El Karti udlale kabi, waphazamisa umnyakazo weSundowns wokuhlasela.
90 + 4’ Igoli: U-Walid El Karti uqede umcimbi eshaya igoli lokulinganisa lePyramids, elenza kuqanse kwiSundowns.
- Ukubheka phambili:
Umlenze wesibili uhlelelwe uMgqibelo, kaJuni 1, e-30 June Stadium eCairo.
IMamelodi Sundowns izobe ibheke ukusheshe ishaye igoli ukuze ibuyisele ingcindezi kwiPyramids.
Leli qembu lona lizobe selibheke ukuthi noma umdlalo ungaphela ungenagoli, lizoba ngompetha okokuqala.
Womabili laamaqembu azodinga ukuzihlela kahle kulo mdlalo ozonquma ompetha abasha bale ndebe.
IMamelodi Sundowns izobe ifuna ukuphinda impumelelo yayo yango-2016 kanti iPyramids FC ihlose ukunqoba isicoco sayo sokuqala sezwekazi.
