
Amehlo kuDzenan Zajmovic eshiya iTS Galaxy isigubhukane
I-TS Galaxy nomgadli wayo oshisayo uDzenan Zajmovic sebehlukene, kodwa izizathu zalokhu azikaziwa okwamanje.
UDzenan Zajmovic ushiya le kilabhu ngokuvumelana kokunqanyulwa kwenkontileka ngemuva kwesizini eyodwa ekuleli qembu elizinze eMpumalanga.
Lo mgadli oneminyaka engu-30 ubudala waseBelgium-Bosnia ube nomthelela omkhulu nobonakalayo ngesikhathi sakhe esifushane kwi-TS Galaxy.
Ushaye amagoli angu-11 wabe esakhela ozakwabo amabili emidlalweni engu-28 kuyo yonke imiqhudelwano.
UZajmovic ubedlala njengomgadli ophambili futhi abuye adlale njengolandela umgadli ngemuva kukaVictor Letsoalo, ekhombisa ikhono lakhe lobuchwepheshe nobuhlakana.
Igalelo likaDzenan Zajmovic lisize i-TS Galaxy ukuthi iqede endaweni yesihlanu kwiBetway Premiership ngesizini edlule.
Lokhu kube yindawo ephezulu kunazo zonke leli qembu elake laqeda kuzo kwBetway Premiership — uZajmovic yena waqeda njengomshayimagoli walo ophambili.
Kodwa naphezu kwale mpumelelo nokuthembisa ukwenza okungaphezulu kwisizini yakhe yesibili, igoda segqashukile phakathi kwakhe nale kilabhu.
“Ngeshwa, isahluko sami kwiTS Galaxy sesiphelile,” uZajmovic ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngithanda ukubonga usihlalo, umqeqeshi oyinhloko, umqondisi weqembu, nabo bonke abasebenzi bekilabhu…
“Futhi ekugcineni, okubaluleke kakhulu, kozakwethu abamangalisayo. Bangenze ngazizwa ngiyingxenye yomndeni.”
Iqembu elilandelayo kaZajmovic okwamamanje alikaziwa, kodwa ngemuva kwesizini yokuqala enhle ebholeni laseNingizimu Afrika, mancane amathuba okuthi angashoda ngezesheli.
I-TS Galaxy manje isibhekene nomsebenzi wokuthola umgadli ezovala ngaye isikhala sakhe ngaphambi komkhankaso ka-2025/26.
