Bafana BafanaEzintshaIndebe yoMhlaba

UTeboho Mokoena uveza okumenze wakhala koweCzechia

Isibabuli seBafana Bafana uTeboho Mokoena sishiye abalandeli emhlabeni jikelele bemangele sichiphiza izinyembezi ngaphambi komdlalo wabo neCzechia.

Usesidalulile isizathu esenze akangakwazi ukuzibamba izinyembezi ngesikhathi kuculwa iculo lesizwe ngaphambi komdlalo weNdebe yoMhlaba wangoLwesine ebusuku.

Abalandeli abaningi babone uMokoena ekhala ngesikhathi kuculwa iNkosi Sikelel’ iAfrika eMercedes-Benz Stadium e-Atlanta.

Kodwa bambalwa – uma bekhona – abebazi ukuthi yini le emvusele umunyu ngaphambi kwalo mdlalo obaluleke kangaka.

Lo mdlali weMamelodi Sundowns uthi ngaleso sikhathi uvele wakhumbula umkhulu wakhe ongasekho emhlabeni.

“Ngivukelwe umunyu. Bengicabanga ngomkhulu wami ongasekho,” kusho le ngqwele enofakazi. 

“Ngiyazi ukuthi noma kuphi lapho ekhona, uyaziqhenya ngami. Ngizwe sengathi ubekhona nami ngaleso sikhathi.”

Uthi umkhulu wakhe wayekholelwa kakhulu kuye ngesikhathi abantu abaningi bengakaliboni ikhono lakhe.

“Ngacabanga ukuthi ukube ubekhona lapha ngabe uyaziqhenya kakhulu ngoba wangethemba ngesikhathi kungekho muntu owayengethemba,” kuchaza yena.

Lo mdlali oneminyaka engu-28 uthi ucabange nangonina, indodana yakhe nabo bonke abantu abame naye ekhula ebholeni.

“Bekungumuzwa omkhulu ukwazi ukuthi sidlala kwiNdebe yoMhlaba enkundleni egcwele phama. 

“Ngiseyingane angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngizofinyelela lapha,” kuqhuba yena.

U-Teboho Mokoena ugcine enze umlando ngokushaya iphenathi ebalulekile esindise iBafana ekuhlulweni, yaphoqa ukuba umdlalo uphele ngo 1-1.

“Ukushaya lelo goli kube yisibusiso esikhulu. Ngiphila iphupho ebenginalo kusukela ngisemncane,” kuphetha uMokoena.

Nokho, kunechashaza elincane elibi njengoba ikhadi eliphuzi alithole kulo mdlalo lisho ukuthi uzophuthelwa umdlalo obalulekile neSouth Korea.

Kulo mdlalo iBafana beyimdinga u-Teboho Mokoena njengoba izobe ilwela ukunqoba ukuze ibe nethuba lokudlulela esigabeni somkhumulajezi.

Uvele wamangaza echiphiza izinyembezi ngaphambi komdlalo