Bafana BafanaEzintshaIndebe yoMhlaba

IBafana ivuke kwabafileyo, yabuyisa amathemba kweyoMhlaba

I-Bafana Bafana ibonise isibindi nokuzethemba ibuya kade isilandela ngemuva yabambana ngo 1-1 neCzech Republic emdlalweni weNdebe yoMhlaba eMercedes-Benz Stadium e-Atlanta ngoLwesine ebusuku.

Ngemuva kokuhlulwa yiMexico emdlalweni wokuqala, iqembu likaHugo Broos belingasenayo indawo yokwenza amaphutha. 

Kodwa izinto ziqale kabi ngesikhathi uMichal Sadilek eshaya igoli leCzech Republic ngomzuzu wesithupha.

Lelo goli lishiye abalandeli boMzansi bekhathazekile njengoba i-Bafana Bafana ibibhekene nengozi yokuphuma ekuseni kulo mqhudelwano.

Nokho, abadlali bakaBroos abazange badikibale. U-Oswin Appollis, uThapelo Maseko noTeboho Mokoena baqhubeke nokufuna indlela yokubuyisa iqembu emdlalweni.

Ngesiwombe sesibili uBroos ufake uRelebohile Mofokeng ngenhloso yokwengeza umfutho ekuhlaseleni, yaqala ukucindezela kakhulu.

Umzuzu obaluleke kakhulu ufike sekusele imizuzu embalwa umdlalo uphele ngesikhathi unompempe ekhomba emlotheni ngemuva kokuthi umdlali waseCzech Republic ethinte ibhola ngesandla ebhokisini.

UTeboho Mokoena akazange enze iphutha. Ushaye iphenathi ngokuzethemba waletha igoli elivuse amathemba eNingizimu Afrika.

Manje iBafana isibheke umdlalo wokugcina wamaqoqo neSouth Korea.

Ukunqoba lapho kungayivulela indlela yokungena esigabeni esilandelayo seNdebe yoMhlaba.