Bafana BafanaEzintsha

ISafa ibona isihlabani seBafana kumfanyana ona-14

  • Intatheli yeLISENETHINI

Umqeqeshi waMajimbos, uVela Khumalo, uhlabeke umxhwele ngalo mdlali oneminyaka engu-14 futhi usevele wamgaxa kwele-Under 17.

Ubaba kaVally ujabule ngethemba lokuthi indodana yakhe izodlalela iNingizimu Afrika nakuba enomuzwa wokuthi angananamathuba angcono e-England. 

“Indodana yami idlalela iFulham FC eqenjini labaneminyaka engaphansi kuka-15, yebo simenyiwe ukuthi size lapha ekhempini (yamaJimbos) futhi ukujabulele kakhulu.

“Okokuqala, size lapha ezweni engizalelwa kulo ukuze simdedele azibonele ngebhola,” kusho uLlewelyn Vally kwiSABC Sport.

“Angathola ulwazi oluningi ohlotsheni lwebhola oludlalwa lapha, nesiko lakhona. 

“Isitayela sokudlala lapha sihluke kakhulu kwesase-UK… ukujabulele ukuba lapha,”.

U-Vally ujabulile ngokuthi indodana yakhe ithola amathuba okudlalela iNingizimu Afrika emazingeni amaningi eqembu ngesikhathi esisodwa.

Ukholwa wukuthi lokhu kuzoyisiza ibe ngcono njengomdlali.

Banomuzwa wokuthi ukusethwa kweFulham bekuyisinqumo esihle seklabhu yethalente elincane. IBafana Bafana ingase ivune izithelo.

“Uneminyaka engu-14 nje kuphela, uzohlanganisa iminyaka engu-15 ngo-Okthoba. 

“Kunezinkulumo zokuthi angene azodlala ekhempini yokuziqeqesha abaneminyaka engaphansi kuka-15, singathanda ukuthi abhukule emaqenjini amabili. 

“Ekupheleni kosuku kuyinto enhle kakhulu kuye. Ibhola alilona umjaho, liwuhambo.

“Uma engathatha okuthile kulokhu okuhlangenwe nakho aye e-ENgland… ngale kwalokho ngingubaba ojabule.

“Akukho okwelula lokhu, banakekelwe kahle, baziqeqesha kane ngesonto, bathola ukudlala namaqembu aphezulu e-England. 

“IFulham iyiklabhu egxile emndenini, yinhle kakhulu ekuthuthukisweni kwamakhono.

“UKai ubengasayina neqembu elihlukile kodwa sakhetha iFulham,” kwengeza uVally.