
USukazi usenaye ozovala esikaRamovic oseya kwiRaja
– Intatheli yeLisenethini
Umengameli weTS Galaxy uTim Sukazi useqinisekise ukuthi umqeqeshi uSead Ramovic useshiyile kuleli qembu lakhe.
URamovic uselibangise eNorth Africa lapho eyosayina khona kwiRaja Casablanca yaseMorocco.
Uyovala isikhala sikaJosef Zinnbauer oshiye lo msebenzi ngoba esethole ingcono eSaudi Arabia.
Kuvela ukuthi lo mqeqeshi uzodlala umdlalo wakhe wokugcina ecija iTS Galaxy ngoLwesithathu uma sebebhekene neYanga emdlalweni wokuzwana amandla.
“Sekuqediwe konke ngesivumelwano,” kusho uSukazi kwabeSABC Sport ngoLwesibili ntambama.
“URamovic kulindeleke ukuthi ahambe ngemuva komdlalo wobungani neYanga FC.
“Uzohamba namaphini akhe amabili oBeganovic Adnan noKodro Mustafa nomqeqeshi wonozinti uGreg Etafia,” kusho uSukazi.
Lezi zindaba zisho ukuthi umbango kaRamovic noRulani Mokwena usuzoqhubeka kwiBotola Pro League.
UMokwena usanda kuqashwa yiWydad Athletic khona eMorocco. USukazi uthe usenaye uuumqeqeshi ozothatha izintambo.
“Kuyingxenye yohlelo lwethu lokuziphatha ukukhulula abantu uma bevelelwa amathuba angcono kwezinye izindawo.
“Isikhathi esiningi sikwenze kubadlali bethu futhi nabaqeqeshi bethu abakhishiwe kulo mgomo weqembu lethu,” kwengeza uSukazi.
“IRaja Casablanca iphakathi kwamaqembu amahlanu ahamba phambili ezwenikazi lase-Afrika futhi akuvamile ukuthi umqeqeshi azingelwe ngale ndlela.
“Ngakho-ke, izibusiso zethu njengoba zinikezwe umqeqeshi uSead Ramovic zibangelwa ukwazisa kwethu ithuba esimnike lona.”
OLUNYE UDABA: UBaloyi uveza okwenza iGalaxy neSekhukhune bagide ndawonye
Uthe umqeqeshi omusha kulindeleke ukuthi ebe sekunguye ophethe uma iGalaxy seyibhekene neFC Augsburg yaseGermany emdlalweni wokuqala weMpumalanga Premier’s International Cup ngoMgqibelo eMbombela Stadium.
