DStv PremiershipEzintsha

UBaloyi uveza okwenza iGalaxy neSekhukhune bagide ndawonye

Yize bedlale kahle kumasizini amabili edlule, isibalo sabalandeli asikhuli ngendlela ekhombisa lokho.

UBaloyi ukholwa ukuthi isizathu esidala lokhu ukuthi womabili la makilabhu asebenzela eGoli, aya ezifundazweni zawo kuphela uma kunemidlalo. 

“IGalaxy ngeyabantu baKwaMhlanga eMpumalanga kodwa izilolongela eGoli,” kusho lo mdlali owake waba ngunozinti weBafana Bafana. 

“Abalandeli babo abakwazi ukubabuka uma beziqeqesha noma ukuhlangana nabo emgwaqeni, bababona kuphela ngezimpelasonto uma beyodlala eMbombela Stadium.”

Ngokusho kukaBaloyi, lokhu kwenza kube yinselelo kulamaqembu ukuheha abaxhasi nokwandisa isibalo sabalandeli bawo. 

“Ngicabanga ukuthi kuzoba nzima kakhulu ukuthi bathole abaxhasi bandise nesibalo sabalandeli ngoba abadlali KwaMhlanga Stadium.”

UBaloyi ugqamise iBloemfontein Celtic njengesibonelo sokuthi ukwethembeka edolobheni kungalisiza kanjani iqembu ukwakha abalandeli abathembekile. 

“IBloemfontein Celtic iyisibonelo esihle ngisho ingasekho… Ngesikhathi bedlalela ekhaya abalandeli beBloemfontein Celtic bebephuma ngobuningi bethi bazogcwala inkundla noma yikanjani.”

IMaritzburg United ingelinye iqembu elikwazile ukukhulisa ukwesekwa kwalo ngokuhlala endaweni futhi libonakale njalo kubalandeli, hhayi ngezimpelasonto kuphela. 

UBaloyi uveze ukuthi iSekhukhune United inethuba lokuba yiqembu elikhulu kodwa waphawula ukuntula kwayo abalandeli. 

“ISekhukhune United ayinabalandeli ngoba ayizilolongi ekhaya kodwa yenza izinto zayo eGoli. 

“Baya eLimpopo kuphela ukuyodlala babuye ngokushesha. Lokho kusho ukuthi abalandeli beqembu ngeke bakhule.”