EzintshaKaizer Chiefs

Usugcine ungenile enethini yeChiefs ‘ufishi omkhulu’ 

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala waseNigeria wafika eNingizimu Afrika ngoJulayi ka-2021 ezojoyina iMamelodi Sundowns.

Kodwa akazange alithole ithuba lokudlala kuleli qembu elizinze eChloorkop, futhi kunalokho ubelokhu entuntiswa emaqenjini ehlukene ebolekiswa kuwo. 

Useke wadlala kwiSuperSport United, iChippa United naMaZulu FC kanti useshaye amagoli angu-25 emidlalweni engu-97 kwiPSL. 

Uchithe isizini edlule ebolekiswe kuMaZulu FC. Ethula lo mdlali wakamuva ukusayinwa Amakhosi, umqondisi wezemidlalo, uKaizer Motaung Jr. uzwakalise ukujabula.

“Samukela ngemfudumalo u-Etiosa emndenini weKaizer Chiefs. Sijabule ngokuthi uselujoyinile uhambo lwethu. 

“Uthando lwakhe, izinga lomsebenzi nokuzinikela kuzokwengeza eqenjini kule sizini nangale kwalokho,” kusho uMotaung Jr kwisizindalwazi seqembu. 

“Sibheke ngabomvu ukwakha izikhathi ezingasoze zalibaleka ndawonye.” 

Lo mgadli uzogqoka ijezi elingunombolo 50 kuleli qembu lakhe elisha. Imininingwane yenkontileka ayizange idalulwe ngesikhathi ethulwa.