Bafana BafanaEzintsha

UMotsepe uxwayisa uMcKenzie ngokugxambukela kwezeFifa

Lokhu kulandela ukuthi uGayton McKenzie ebhalele iSafa efuna incazelo ngokuphucwa kweBafana Bafana emkhankasweni wokulwela ukungena kwiNdebe yoMhlaba.

INingizimu Afrika iphucwe amaphuzu amathathu ngemuva kokusebenzisa uTeboho Mokoena engafanelekile emdlalweni wayo neLesotho ekuqaleni kwalo nyaka.

Ungqongqoshe uGayton McKenzie usecele izimpendulo kwiSafa, wanikeza lo soseshini izinsuku eziyisikhombisa ukuthi wethule umbiko ogcwele ngendaba kaMokoena. 

Ekhuluma kwiSanef Gala Dinner muva nje, uMotsepe uthe ukholwa ukuthi uMcKenzie uzolusingatha ngokucophelela lolu daba.

“Wonke amazwe ayabuqonda ubudlelwano phakathi kwabaphathi bebhola nohulumeni, kodwa kunemingcele,” kusho uMotsepe.

“Ohulumeni akufanele bagxambukele. Ngingacabanga ukuthi lokho ungqongqoshe wezemidlalo axhumana ngakho neFifa ngeke kuyeqe leyo mingcele. 

“Uma kunezinkinga, ngiyethemba ukuthi zizoxazululwa ngezingxoxo ezifanele ngaphandle kokugxambukela.”

UGayton McKenzie usebhalele umengameli weFifa uGianni Infantino, exolisa ngehlazo elenziwe yiSafa elifake isithunzi sebhola odakeni.

Uphinde wamqinisekisa ukuthi izenzo zakhe aziwona umzamo wokugxambukela ekuphathweni kwebhola.