EzintshaKaizer Chiefs

Siya ngokuba sibi isimo sikaNtwari kwiKaizer Chiefs

Lo mdlali waseRwanda udlale eqenjini lakhe lesizwe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba kulandelana libhekene neBenin neNingizimu Afrika ngesikhathi sekhefu.

Nokho ushiywe ngaphandle ngendlela engaqondakali eqenjini losuku lomdlalo kwiKaizer Chiefs ngempelasonto.

Lokhu kuphakamise ukungabaza okusha ngesimo sakhe ekilabhini, ngokubika kwePhakaaathi.

Imithombo ithi ukushuba kwesimo kuqale ngesikhathi seCarling Knockout la behlulwe khona yiStellenbosch FC.

Ngaphambi kokuthi kuyiwe kumaphenathi, la iChiefs yafike yahlulwa khona, uNtwari kuthiwa wenqaba ukushintshwa.

Lesi sinyathelo sibonwe ngabathile ngaphakathi eqenjini njengokudelela okusobala. 

Umqeqeshi uCedric Kaze ngaleso sikhathi wathi lolu daba luzodingidwa ngaphakathi eqenjini.

Kusukela ejoyine Amakhosi esuka kwiTS Galaxy ngesizini edlule, lo nozinti oneminyaka engu-26 ubudala akakwazanga ukungena ahlale eqenjini eliqala imidlalo.

Indawo uyibanga noBrandon Petersen – okunguye oqala imidlalo kule sizini noBruce Bvuma.  

Okunye okumakhele igama elibi lo nozinti ngokushiwo ngumqeqeshi weRwanda u-Adel Amrouche othe uNtwari ufunwa amaqembu aphesheya kwezilwandle.

Uthe ngabe asemthathile kodwa iKaizer Chiefs idlala umhobholo, ifuna imali eshisiwe ngayo lamaqebu amfunayo angakhoni ukuyikhokha. 

Kuthiwa abaphathi kubacikile lokhu. Ngenxa yakho, uNtwari isimo sikaNtwari eNaturena sibukeka singasesihle.