
Inkakha ixwayisa abagiya ngethambo le-Orlando Pirates
Owayengumgadli we-Orlando Pirates uJames Mothibi usegxeke abantu baseNingizimu Afrika abajabulele ukuhlulwa kwaleli qembu ngo 3-0 emdlalwei weCaf Champions League.
I-Orlando Pirates ihlulwe yiSaint-Éloi Lupopo eLubumbashi, eDemocratic Republic of Congo ngeSonro ntambama.
Leli qembu laseSoweto lisheshe langenelwa yogoli elishaywe uWanet Kashala ngaphambi kokuthi oDramane Kambou noJean Benoît Tukumbane balingcwabe ngesiwombe sesibili.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto manje zibhekene nomqansa onzima emlenzeni wesibili ozoba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo.
Naphezu kwemizamo yo-Evidence Makgopa, Oswin Appollis negoli eliphikiwe likaDeon Hotto, amaphutha asemuva ayilimazile i-Orlando Pirates.
Kodwa okuphathe kabi kakhulu uuMothibi ngaphezu kwalo mphumela, wukuklolodelwa kwayo ngabalandeli bakuleli.
“Ngiyabona abantu abaningi baseNingizimu Afrika bajabule… kuhle ukujabula, kodwa kumele bakuqaphele abakujabulelayo,” kusho uMothibi kwiSoccer Laduma.
“Uma amaqembu ethu ephumela ngaphandle kweNingizimu Afrika, adinga ukwesekwa.
“IChiefs idinga ukwesekwa. ISundowns idinga ukwesekwa. IPirates idinga ukwesekwa.”
WINA | Imali yokuqala ibhizinisi lezemfashini neNikNaks
UMothibi ukholwa ukuthi imibango engenasidingo ilulaza umoya webhola ezingeni lamazwe ngamazwe.
“Njengabantu baseNingizimu Afrika kufanele sihloniphane. Uma siya eCongo noma eGhana, asifuni ukuphathwa kabi — pho kungani kufanele sizenzele lokho ngokwethu?”
Noma izinto ziyitshele i-Orlando Pirates, uMothibi usenethemba lokuthi ingawuguqula lo mphumela.
“Umdlalo awukapheli. Ngike ngadlala kwiChampions League — kungenzeka noma yini.
FUNDA NALA | Siyashuba isimo sikaNtwari kwiChiefs
“Uma iLupopo ikwazile ukushaya amagoli amathathu, nePirates ingawashaya amathathu noma ngaphezulu e-Orlando,” kusho yena.
“Kufanele sime ndawonye njengabantu baseNingizimu Afrika. Ibhola akuyona impi.”
