Ezintsha

UMcCarthy udalula izinkinga zeKenya, nakufisayo ngayo

U-Benni McCarthy uzobhekana nezwe lakubo esontweni elikhulu emsebenzini wakhe wokuqeqesha, kodwa usedalule obekungalindelekile.

Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika usefike eKenya ukuyolungiselela imidlalo emibili ebalulekile yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (AFCON) neBafana Bafana. 

Nokho, ufike nesambulo esingajwayelekile sokuthi yena nethimba lakhe labaqeqeshi abasawazi umholo.

UMcCarthy uveze ukuthi abadlali bayithola ingxenye yemali ebebeyikweletwa, kodwa lokhu kwenzeke ngemuva kwengcindezi ebibhekiswe enhlanganweni ephethe ibhola eKenya.

Emdlalweni odlule weFIFA, abadlali beHarambee Stars babesabise ngokungayidlali imidlalo ngenxa yokungakhokhelwa.

“Ngesikhathi siya kodlala neGuinea, imali yayingena kancane kancane,” kuchaza uMcCarthy. 

“Ekugcineni abadlali bazithola izibonelelo zabo ngenxa yengcindezi eyafakwa enhlanganweni yebhola. Nongqongqoshe naye wasisiza.

“Kodwa mina njengomqeqeshi nethimba labaqeqeshi, namanje akukho lutho.”

U-Benni McCarthy, owayengumdlali weBafana Bafana futhi ongumshayi magoli ohamba phambili emlandweni wayo, usazimisele ngalo msebenzi.

Uthi ufuna ukushiya ibhola laseKenya lisesimweni esingcono kunaleso alithola ekufikeni kwakhe. 

Uveze nokuthi uma lungalungiswa lolu daba, kuzodingeka ukuthi kungenelele iCAF neFIFA.

“Umsebenzi wami wukuya laphaya ngisize iKenya,” kuqhuba yena. 

“Ngifuna ukuyishiya isingcono kunangesikhathi ngifika. 

“Ngizokwenza konke okusemandleni ami ukuze lokho kwenzeke, futhi ekugcineni izinto zizolunga.

“Uma ingakhokhwa imali, iCAF neFIFA kuzodingeka bangenelele kulolu daba.”

Umyalezo wakhe ugxile ekuziphatheni njengochwepheshe, hhayi ekubhikiseni.

“Singochwepheshe ngokwanele. Uma siya enkundleni senza umsebenzi wethu. 

“Uma imidlalo isiphelile, singakwazi ukulwela noma yini esiyilwelayo.

“Kodwa uma silapho, umsebenzi wethu wukwenza abadlali bathuthuke futhi sishiye ibhola laseKenya lisesimweni esingcono kakhulu kunaleso ebelikuso ngesikhathi sifika,” kwengeza yena.

UMcCarthy ukholwa wukuthi imiphumela asebeyitholile ikhombisa ukuthi umsebenzi wabo uyathela izithelo.

“Okwamanje sesithuthuke kakhulu uma siziqhathanisa nesimo esathola ibhola laseKenya likuso ngesikhathi sifika. 

“Ngikholwa wukuthi kukhona esesikuzuzile ngoba ngesikhathi ngifika, ngangingazi lutho ngebhola laseKenya.

“Kodwa ngawamukela umsebenzi, kanti manje njengoba sengikuwo, kuyangijabulisa ukubona inqubekela phambili esesiyenzile,” kusho yena.

U-Benni McCarthy unezinyanga engaholi, kodwa amazwi akhe akhombisa ukuthi akakazimisele ukuphonsa ithawula. 

Usezimisele ukulwela ikusasa lebhola laseKenya.