Ezintsha

Usizi ebholeni laseKapa, injabulo kweleNorth West 

ICape Town City isizoyodlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.

Ngesikhathi kukhalwa eKapa, la sekusele khona iStellenbosch FC kuphela esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo, kube yinjabulo yodwa eNorth West.

Phela bese kuphele iminyakanyaka lesi sifundazwe singenalo iqembu kwiBetway Premiership, kodwa manje selikhona.

Lokhu kulandela ukuthi i-Orbit College inyukele kulesi sigaba ngemuva kokunqoba iligi yokuhlunga.

I-Orbit College iqede iqhwakele kule ligi yamaqembu amathathu ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kwemidlalo emine. 

Leli qembu beliqede endaweni yesibili kwiVChampionship ngemuva kweDurban City.

Kodwa nayo elayo iphupho lokudlala kulesi zigaba esikhulu selifezekile kanti okokuqala ifika kuso.

Ukunyuka kwayo kuqinisekiseke ngesikhathi ishaya iCape Town City ngo 1-0 emdlalweni wayo wokugcina ngoLwesithathu ntambama.

Lo mdlalo bewuse-Olympia Stadium, eRustenberg kanti bewuhamnjelwe yinqwaba yabalandeli okuwuphawu lokuthi balilambele kanjani ibhola kulesiya sifundazwe. 

Igoli lokunqoba le-Orbit lishaywe umgadli onamava uLetsie Koapeng ngomzuzu ka-47 esiwombeni sesibili.

Yize iCity izamile ukubuya, kodwa ithole kukhiywe ngenkulukazi ingidi odongeni lwasemuva lwe-Orbit.

ICity isazodlala neCasric Stars emdlalweni wokugcina ongasenamsoco kwazise noma inganqoba, noma ingadliwa sekuvele kubhedile.