
UYusuf Maart udalula okwenze engajabuli ujuqa iPirates
Ukaputeni weKaizer Chiefs, uYusuf Maart, usevule isifuba ngongalijabuleli igoli alijuqe i-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup.
UYusuf Maart nguye oshaye igoli lesibili iKaizer Chiefs inqoba ngo 2-1 ihlula i-Orlando Pirates ngempelasonto edlule.
Lo mdlalo weSoweto Derby ubuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo odlule.
IChiefs ihambe phambili kusenesikhathi ngephenathi kaGaston Sirino ngomzuzu ka-10.
IPirates isheshe yabuya ngokushesha ngegoli elingqofelwe enethini ngu-Evidence Makgopa ngomzuzu ka-17.
Njengoba umdlalo bewusubheke ngasekupheleni kusengu 1-1, umdlalo ubonakale usubheke esikhathini esengeziwe.
Kodwa uYusuf Maart wayenezinye izinhlelo. Ushaye igoli lokuwina ngomzuzu ka-80 ngemuva kokuthola ibhola ebeligotshwe u-Ashley Du Preez.
Ube eselibhathula ngonyawo lwesokunxele, wezwa ngenhlokomo yabalandeli uSipho Chaine ukuthi sekubhedile, ibhola selibhajwe enethini.
Naphezu kokubaluleka kwaleli goli, uYusuf Maart akazange alijabulele kangako.
Lesi sinqumo sakhe sishiye abalandeli bezibuza ngesizathu esenze angakhombisi injabulo.
Abanye bebecabanga ukuthi kungenzeka ukuthi kungenxa yokuhlonipha iqembu lakhe lakudala, iPirates.
Kodwa uYusuf Maart usecacisile ngalokhu ngesikhathi ekhuluma kwiGame On kwiRadio 2000 kuleli sonto.
“Cha, ngiwajabulelile nje amagoli ami amabili adlule ngibhekene nePirates,” kusho yena.
“Leli bekungelesithathu. Bese ngizwa ukukhathala kancane, ngabona ukuthi ukugijima ngiye ekhoneni kuzongikhama.
“Futhi ngibone nozakwethu nawo wonke umuntu beza kimi bezijabulela leli goli ngabe sengima ke, salijabulela lapho.”
UMaart uphinde waveza ukuthi walizwa lisuka onyaweni ibhola ukuthi nakanjani lizokhalakathela enethini.
“Unyawo lwami lunamathele kahle ebholeni. Bengazi ukuthi kuzoba yigoli kanjani.”
Leli goli libuyise injabulo kwiChiefs nabalandlei bayo, kodwa abadlali kumele bajabule babuye nganeno ngoba umsebenzi awukapheli.
IChiefs isalwela ukuqeda kwiTop 8 yeBetway Premiership. Izobhekana neSekhukhune United ngoMgqibelo nePolokwane City emidlalweni yayo yokugcina.
