Ezintsha

IBay iqede kuqagela ngoYanela Mbuthuma ‘ohalelwa’ eSoweto

Leli qembu alifuni lutho ngalo mgadli osemncane, noma yiliphi iqembu elimfunayo, kuzomele libe namaphakethe ajulile ukuze limthole.

I-Richards Bay ikuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi uYanela Mbuthuma usesayine inkontileka entsha yeminyaka emihlanu nayo.

Lokhu kusho ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala okhuthele uzohlala kule kilabhu kuze kube ngu-2029.

INatal Rich Boys izimisele ngokubambelela kulesi sihlabani sayo esesidonse amehlo abaqeqeshi bamaqembu esizwe.

Isivumelwano sesikhathi eside senza kube nzima kwamanye amakilabhu ukumthola, ikakhulukazi uma engazimisele ukuguga iphakethe.

Imithombo ithi lesi sivumelwano kwafinyelelwa kuso emasontweni edlule kodwa sagcinwa siyimfihlo.

Iqembu belilinde ukudalula lezi zindaba njengoba isizini seyisongwa ukuze amanye amaqembu engabe esasondela kwakusondela kuye.

UYanela Mbuthuma umataniswe namaqembu amaningi ahamba phambili ezinyangeni ezedlule.

I-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs, naMaZulu FC kuke kwabikwa ukuthi bayamhalela lo mgadli.

Empeleni AmaZulu aze afaka isicelo sokudayiselwa yena ngoJanuwari, kodwa achithwa.

UYanela Mbuthuma useshaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-26 ye-Richards Bay kwiligi kule sizini.

Ujoyine iRichards Bay esuka kumaligi amancane futhi wakhuphuka ezinhlakeni zeqembu.

Ukusebenza kwakhe ngokuzimisela kumfake okokuqala eqenjini likaHugo Broos leBafana Bafana muva nje.

IRichards Bay manje isiphunyukile ezembeni. Ukunqoba kwayo kwakamuva ngo 1-0 behlula i-TS Galaxy kuqinisekise ukuthi isazodlala esigabeni esiphezulu nangesizini ezayo. 

Yingakho seyiqalile ngezinhlelo zokulungiselela isizini entsha ngokuthi ikhuleke lo mgadli ngenkontileka ende

Usihlalo wekilabhu, uJomo Biyela ukuqinisekisile ukwelulwa kwenkontileka kaMbuthuma kwiSABC Sport.

“Yebo, kuyiqiniso ukuthi usayine inkontileka yesikhathi eside nathi,” kusho uBiyela.

“Asikaze sizwe ngamahemuhemu, kodwa iqiniso liwukuthi akekjho emakethe njengamanje.”

Iqembu libona uMbuthuma ewumgogodla wezinhlelo zalo zesikhathi esizayo.

Khonamanjalo, leli qembu selilahlekelwe umdlali wasemuva kwesoknxele uNkosikhona Ndaba osesayine kwiPirates.