EzintshaOrlando Pirates

IPirates izingela oweCity ukuvala isikhala sikaMbokazi

Lokhu kuvezwe umbiko wePhakaaathi, othi i-Orlando Pirates isivele ikhulumile neDurban City ngaphambi kwewindi lokudayiselana ngabadlali likaJanuwari.

Ifuna ukudayiselwa uMfanafuthi Mkhize oyinsika emuva kuleli qembu laKwaZulu-Natal elisanda kukhushulelwa esigabeni esiphezulu. 

Umthombo osondelene naleli qembu uveze ukuthi i-Orlando Pirates ibona uMkhize ubonakala engase athathe indawo kaMbekezeli Mbokazi.

UMbokazi Mbokazi usayine neqembu le-US Major League Soccer, iChicago Fire, kodwa uzolijoyina ngoJanuwari ngemuva kwe-Africa Cup of Nations

Kusazobonakala ukuthi iPirates izolandela yini intshisekelo yayo kuMkhize, kodwa kubukeka sengathi isimbhekile. 

“Ngiyaqonda ukuthi iPirates ikhulume neDurban City ngoMkhize ngesikhathi uMbokazi kubikwa ukuthi use-US muva nje, ” umthombo usho kanje.

“Kodwa njengoba sesibona uMbokazi esebuyile, anginaso isiqiniseko sokuthi kusho ukuthini lokho. Kodwa ngiyazi ngokubuza kwePirates ngoMkhize.

“Uma eqhubeka nokudlala ngendlela ayiyo, kwazi bani? Mhlawumbe bazomlanda futhi noma ngabe uMbokazi akasayi e-US.”

Nokho iLisenethini ingaqinisekisa ukuthi uMbokazi uyaya ngempela e-US njengoba kuqinisekiswe nguye lo mdlali ngempelasonto kithina. Funda indaba lapha: Ingabe iyiqiniso eyase-US?