EzintshaOrlando Pirates

USifiso Myeni uthi u-Ouaddou ‘uzoba strong’ ngomjiko

Indaba iqale ngokuthi umdlali weKaizer Chiefs uMduduzi Shabalala akhombise ikhono lakhe lo mjiko wokuchoma emdlalweni wabo weCaf Confederation Cup ne-AS Simba ngempelasonto edlule. 

Kube sekuba umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou othethise abadlali bakhe ngokudlalela ukuchoma emdlalweni wabo weCarling Knockout kuleli sonto.  

Kuthe sekusele imizuzu engaba ngu-15 kuphele umdlalo wabo neMagesi FC, futhi behamba phambili ngo 2-0, abadlali bePirates baqala ukudlala amaphasi amafushane bebukisa ngezimbangi zabo. 

Bangenelwe yigoli ngasekugcineni umdlalo waphela ngo 2-1, u-Ouaddou wakubeka kwacaca ngemuva komdlalo ukuthi akazange ahlabeke umxhwele ngalo mdlalo wokuchoma.

Lo mqeqeshi uthe bekumele badlalele ukwengeza amagoli, hhayi ukuchomela imbangi – wakubiza ngesekisi lokhu abebekwenza. 

Kodwa uSifiso Myeni akavumelani naye, uthi nakuba abanye abaqeqeshi besimanje bengahambisani nakho, kuseyingxenye yosiko lwebhola laseNingizimu Afrika.

“Nami ngisadlala ngangivame ukukwenza, ngakho-ke angikwazi ukuthi ngithi akukuhle,” kusho uMyeni kwi-Omni Soccer. “Kodwa njengamanje, mhlawumbe umqeqeshi akakuthandi. 

“Nathi, noma ngabe umqeqeshi wayekuthanda noma cha, sasikwenza. Kwakungekhona ukuthi wayesitshela ukuthi sikwenze nini — lutho. 

“Wayevele abone sesikwenza nje futhi uma engakuthandi wayengasitshela ngemuva komdlalo sesivele sikwenzile.”

UMyeni, osesebenza njengomqeqeshi othuthukisa amakhono abadlali abasebancane, uthi uyabakhuthaza abadlali bakhe abasebancane ukuthi bajike.

“Mina anginankinga nomjiko — ngiwenzile nami ngisadlala, futhi ngisawuthanda namanje. 

“Ngisho nabafana engibaqeqeshayo, uma beshaya i-‘spy two’ (uhlobo lomjiko), ngiyabavumela. 

“Ngezikhathi sethu, besingakwenza noma ngabe kusengu 0–0 ukuze sifake imbangi itwetwe,” kusho uMyeni ehleka.

Uyavuma ukuthi abaqeqeshi abehlukene banamafilosofi ahlukene, ekhumbula izinsuku zakhe ngaphansi kukaGavin Hunt kwiBidvest Wits.

“Abanye abaqeqeshi bawuthanda umjiko, abanye abayizwa indaba yawo. Abanye bazokutshela ukuthi ukwenze le phambili kuphela. 

“Kodwa ngiyakhumbula ngesikhathi sidlala neSundowns emdlalweni wamanqamu weMTN8, uGavin Hunt wayengenayo enye indlela — kwakudingeka akwamukele!”