
Ushiye isigubhukane u-Ernst Middendorp kwiDurban City
Usihlalo weDurban City, uFarook Kadodia, usekuqinisekisile ukuhamba kungazelelwe komqondisi wezokuqeqesha u-Ernst Middendorp, ngemuva kwezinyanga ezintathu ejoyine leli qembu.
U-Ernst Middendorp, ujoyine leli qembu ekuqaleni kwesizini kulandela ukushiya kwakhe kwiCape Town Spurs, kanti manje kuvela ukuthi bekuyinkontileka yesikhashana.
Ubelethelwe ukuzosiza leli qembu elisanda kukhushulelwa esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli lizinze kwiBetway Premiership.
Isikhathi sakhe sifika ekupheleni ngesikhathi kusanda kuvela ukuthi bekukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwakhe nomqeqeshi uGavin Hunt.
ILisenethini ike yabika emsontweni edlule ukuthi kushayisana imibono kuHunt noMiddendorp ngenkundla okujimela kuyo iqembu.
Kuthiwa uMiddendorp ubelitholele indawo esikoleni esithile eThekwini kodwa esinezinkundla zebhola lombhoxo, kanti uHunt ubefuna eyebhola.
Nokho, uKadodia ukuphikile lokho, wathi ngamampunge ukuthi bekunokngqibuzana okukhona ethimbeni labaqeqeshi.
“Ubenenkontileka yezinyanga ezintathu futhi ukufezile ngokuphelele ebesimqashele kkjhona,” kusho uKadodia kwi-iDiski Times.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Ebuzwa ngokuthi ngabe sebemhlonzile yini abazovala ngaye isikhala sika-Ernst Middendorp, uKadodia uthe asikho isidingo njengamanje.
“Okwamanje asikujahile lokho, sidinga ukubona ukuthi siqhubeka kanjani lapho egcine khona kuqala.”
FUNDA NALA | UFoster uncoma igalelo likaBroos
IDurban City iyiqale kahle isizini yayo yokuqala esigabeni esiphezulu njengoba iqoqe amaphuzu angu-15 emidlalweni eyisishiyagalolunye okuyibeka endaweni yesihlanu kwilogi.
