
UTso ukhomba uFlemming Berg ngezinkinga ezikwiDowns
UBenedict “Tso” Vilakazi akazange elokhu engena ehlathini, kodwa usevele wakhomba ngenjumbane umqondisi weMamelodi Sundowns uFlemming Berg ngezinkinda ezibhekene naleli qembu.
UVilakazi uthi umsuka wakho konke okungahambi kahle kwiSundowns nguBerg, owashwe kuleli qembu ngo-2022.
“Kuthe ngawo lonyaka afika ngawo, waqala waxabana noPitso Mosimane nowagcina ngokuthi ahambe kwiMamelodi Sundowns ngendlela engalindelekile,” kusho uTsho.
UMosimane washiya iSundowns – ayeseyakhe yaba yiqembu eliqinile futhi elalibonakala liseduze nokunqoba iChampions League – wayojoyina i-Al Ahly yase-Egypt.
ISundowns yabe seyinika uManqoba Mngqithi noRulani Mokwena ukuba baqhubeke nomsebenzi njengoba babelazi kahle iqembu kwazise babengamaphini kaMosimane.
“Waphinda uFlemming Berg wehlisa uManqoba Mngqithi esikhundleni sokuba yinhloko yabaqeqeshi kwiSundowns,” kuqhuba uVilakazi.
“Wakhuphula uRulani Mokwena nogcine ehambile naye kwiMamelodi Sundowns ngenxa yokungaboni ngasolinye naye lo Berg wakhona.”
UBerg usolwa ngokuthi wayesebenzisa kabi laba baqeqeshi ngoba ephendlela uMiguel Cardoso isikundla sokuba yinhloko yabaqeqeshi.
Wazeseka ngokuthi uCardoso uyayihlula iSundowns emidlalweni eyeCaf Champions League ngesikhathi engumqeqeshi we-Esparance yaseTunisia.
Kodwa lo mqeqeshi kumanje usesolwa ngokuthi usevele walihlakaza leli qembu ngokunika abadlali amaqhinga abagqilazayo enkundleni, okuyingakho abanye sebefuna nokushiya nje.
FUNDA NALA | EleNFD ligabhe abaduma kwiBucs neChiefs
Kuvela ukuthi abadlali abaningi beSundowns abamuzwa kahle yize abaphathi bemthanda ukufa lo mqeqeshi.
Uphume ngesamagundane eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo kulandela ukuthi iSundowns ihlulwe kabuhlungu yi-Orlando Pirates kwiMTN8.
UVilakazi uthe sesishayile isikhathi sokuthi abaphathi bathathe isinqumo esikhulu ngabo bobabili oCardoso noBerg ukuze bahlenge ikusasa leqembu.
