EzintshaMamelodi Sundowns

BUKA: Useshumayela kuwe abantu obedlala kwiDowns

Sekusabalale ezinkundleni zokuxhumana ividiyo kaMabunda ethandazela abazalwane bakhe, abanye bewa phansi ngesikhathi exosha imimoya emibi.

UMabunda ubelokhu aziwa ngokuthi ungumKristu ozelwe kabusha nangesikhathi esadlala ibhola. 

Ubaziwa nangokuba ngumlandeli ogqamile womfundisi odabuka eMalawi onezinkinga zomthetho uShepherd Bushiri. 

Lolu kholo oluqinile lwabonakala kuwo wonke umsebenzi wakhe futhi lusaqhubeka nokuba yisisekelo sempilo yakhe.

Umsebenzi kaTiyani Mabunda webhola wagqama ngezinto eziningi ezibalulekile. 

Ubambe elikhulu iqhaza empumelelweni yeMamelodi Sundowns, esiza iqembu lanqoba izicoco eziningi zePremier Soccer League (PSL). 

UMabunda wayeyingxenye yeqembu eladla isicoco seCaf Champions League ngo-2016, okuyimpumelelo enkulu kuleli qembu nasebholeni laseNingizimu Afrika. 

Ukuzinikela kwakhe enkundleni kumenze wahlonishwa njengomdlali wasesiswini othembekile nosebenza kanzima.

Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo, uMabunda useshintshele obizweni lwakhe olusha lokuba ngumshumayeli. 

Ikhono lakhe lokukhuthaza nokuhola selithole inkundla entsha, njengoba manje ezinikezela ekusakazeni ukholo nokusiza abanye. 

Buka nansi ividiyo ngezansi:

https://twitter.com/NalaThokozane/status/1815696198587552130/video/1