
Usejika ukukhuluma uMcKenzie ngeVAR kwiPSL
Abalandeli bebhola abebenethemba lokwethulwa kweVideo Assistant Referee (VAR) ngesizini ka-2025/26 yeBetway Premiership kuzomele bake balinde.
Phezu kwesithembiso soMnyango wezeMidlalo sokuxhasa i-VAR ngesabelo sika-R90 million, uNgqongqoshe wezeMidlalo, uGayton McKenzie usejike inkulumo.
UMcKenzie wathembise ukuthi lolu hlelo luzobe selulungile ngo-Agasti uma kuqala imidlalo yePSL.
Kodwa ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesabelomali ePhalamende ngoLwesibili, uMcKenzie uthe uhlelo lokuthola uxhaso lwe-VAR lusaqhubeka.
“Siphothula inqubo yokuxhasa ngezimali i-VAR ukuze siqinisekise ukuthi imidlalo yethu yebhola iyahlangabezana nezindinganiso zomhlaba,” kusho ungqongqoshe.
Ungqongqoshe ugcizelele ukubaluleka kwe-VAR ekunqandeni udlame lwabalandeli uma bengenelisekile ngezinqumo zonompempe nasekuthuthukiseni ibhola kuleli.
“Izinkundla zicekelwa phansi uma kwenzeka onompempe engenzi kahle,” kuqhuba uMcKenzie.
“Amaqembu omhlaba afuna ukudlala lapha, kodwa abe eseya kwenye indawo ngoba asinayo i-VAR.”
Lokhu kuphazamiseka kuza ngemuva kwamasonto ambalwa umnyango uzibophezele ekukhokheleni ukuqala kwe-VAR.
