Ezintsha

‘UMbhobho’ Ndlovu useyibhoboza Eswatini inethi

Lo mgadli – odabuka eHlathikhulu, eMtshezi – uthole isiqalo esisha kompetha baseSwatini iNsingizini Hotspurs ecijwa uQhogi.

Ngemuva kwesikhathi esingesihle eNingizimu Afrika, lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala usesheshe waphenduka iqhqawe Eswatini. 

UMbhobho ube nesikhathi esingesihle kuMaZulu FC kanti nokubolekiswa kwiDurban City akuzange kumsize ukubuyisa ukuzethemba.

Kodwa manje uNdlovu usehlohle amagoli amathathu emidlalweni emibili nje vo selokhu eshintshele Eswatini ngoJanuwari.

UQhogi uyavuma ukuthi lo mgadli, owake wahlohla amagoli angu-23 ngesizini eyodwa kwiSinenkani FC, ufike Eswatini ukuzethemba kwakhe “kungekuhle”.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi ekhishwe ezinhlelweni zaMaZulu zale sizini ngaphandle kwencazelo ecacile.

“Udedelwe ngenxa yokungaphumeleli ngesikhathi ebolekisiwe… Ufike ngesikhathi esifanele kithina ngoba besintula amagoli,” kusho uQhogi kwiFARPost.

  • Isitayela sokudlala: UQhogi umchaze “njengomgadli wasebhokisini” owenza kahle uma ezolinda ibhola lize kuye.
  • Umthelela osheshayo: Amagoli amathathu emidlalweni emibili achazele abalandeli ukuthi kungani elandiwe.
    Leli qembu belidonsa kanzima phambi kwepali kulandela ukudayisa abagadli balo abaphambili oSambulo Simelane noJoel Madondo.

Yize ilahlekelwe ngabadlali abane abamqoka ngoJanuwari — okuhlanganisa nomdlali wasemuva uKwakhe ‘Stopper’ Thwala — iNsingizini Hotspurs isaqhwakele. 

UQhogi uncome ikhono leqembu “lokuthumela” ithalente ngaphandle kodwa lisale likwazi ukuqhubeka nokwenza kahle.

Uthe ukusayina kwalo uMbhobho Ndlovu kukhombisa ukuzimisela kwalo ukuqhubeka nokuba ngompetha Eswatini.