EzintshaKaizer Chiefs

USam uphawula ‘ngokuqopha umlando’ ejoyina iChiefs

  • Sibongiseni Gumbi

USam uqinisekiswe yiChiefs njengomdlali wayo ngoMgqibelo emini, kanti umqondisi weChiefs, uKaizer Motaung Junior income amava akhe.

Usayine iminyaka emithathu esuka komakhelwane beChiefs, i-Orlando Pirates kanti ubebolekiswe kwiMoroka Swallows ngesizini edlule. 

“Sijabule kakhulu ukuba noBongani Sam eqenjini lethu,” kusho uKaizer Junior. 

“Uma ubheka iminyaka yakhe – uneminyaka engu-26 – usenamava kakhulu awathole ngokudlala emaqenjini ehlukene kwiPremiership njengoba aqala kuyo eminyakeni eyisikhombisa edlule. 

“Simfisela okuhle futhi siyazi ukuthi uzongena khaxa emndenini weKaizer Chiefs.” 

USam, osayine esuka kwi-Orlando Pirates, uthe uzele ukuzofaka isandla ekufukuleni iChiefs, ayibuyisele ekubeni yiqembu elikhulu kuleli. 

“Sengingumdlali weKaizer Chiefs manje, ngidabuka ePE, eMotherwell,” kusho uSamo kwabeSuperSport TV.

Wayekhuluma nabo ngesikhathi esekhempini neChiefs eTurkey emavikini amabili edlule. 

“Kuyintokozo kimi ukuthi sengingomunye wabadlali asebedlale kuwo wonke amaqembu aseSoweto.

“Ngijabule, sengijahe kuqale isizini. Akubanga nzima kimi ngoba indawo engiphuma kuyo yenze kwaba lula ukuthi ngijwayele lapha.

“Ngifuna ukusiza iqembu libuyele ezinsukwini zalo zenjabulo. Akumina ngedwa, bonke abadlali bazimisele ngokwenza into efanayo. 

“Ngijabule ukuba yingxenye yaleli thimba elinomsebenzi wokubuyisela iqembu endaweni elifanele.” 

Uthe umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi ufike ngesikhathi esikahle futhi bajabule ngaye nangendlela asebenza ngayo.

“Ufike ngesikhathi esihle kakhulu kithi, sonke sizimisele ukumsiza ukuze asisize sithole okuthile kule sizini,” kusho uSam.