
Wesekwe yinkakha yeSuper Eagles uNwabali efihla abazali
Umphakathi webhola laseNigeria ukhombise ubumbano nozwelo ngesikhathi ingwazi yeSuper Eagles uKanu Nwankwo uStanley Nwabali engcwaba abazali bakhe ngempelasonto.
UStanley Nwabali ubhekane nesikhathi esinzima kulezi zinyanga ezidlule ngemuva kokushonelwa uyise nonina kulandelana.
Umcimbi wokubafihla ubungempelasonto – ngoJuni 7 no-8, ngokuhambisana namasiko angakubo.
Uyise washona eneminyaka engu-72, kwathi unina, uGrace, yena washona eneminyaka engu-63.
UKanu, owaziwa ngelika‘Papilo’ ebholeni ufake izithombe zalo mgcwabo ezinkundleni zokuxhumana.
Yena noStanely Nwabali babonakale begqoke imvunulo yesi-Igbo kulo mcimbi wokuhlonipha abazali bakaNwabali okokugcina.
“Ezikhathini ezinjengalezi, sikhunjuzwa ngokubaluleka kobunye nokusekana,” uKanu ubhale kanje.
“Imicabango yami ikuStanley Nwabali nomndeni wakhe ngalesi sikhathi.
“Kwangathi imiphefumulo yabazali bakhe abathandekayo ingaphumula ngokuthula okuphelele.”
INigeria Football Federation (NFF) nayo imesekile uNwabali, onjengoba kubikwa ukuthi imxhase ngo-₦20-million (R227 000) ukusiza ngamalungiselelo omngcwabo.
Lo mcimbi awugcinanga nje ngokuhlonipha abazali bakaNwabali kodwa ubuye wakhombisa ubudlelwano obujulile phakathi kwemibuthano yebhola laseNigeria.
Khonamanjalo, uNwabali, ongunozinti weChippa United, kubhekwe ngabomvu ukuthi uzohlala yini kuleli qembu noma uzodlulela kwelinye.
Kuke kwanamahlebezi amkhomba phesheya kwezilwandle ikakhulukazi ngemuva kokwenza kahle kwiCaf Africa Cup of Nations ngonyaka odlule.
Kuleli kuke kwavela ukuthi neKaizer Chiefs iyazidlisa satshanyana kuye ukuzwa ukuthi engathanda yini ukuya eNaturena.
Cishe njengoba eseqedile ngokufihla abazali bakhe, usezogxila ekutheni kucace ngekusasa lakhe nokubuyisa indawo yakhe kwiSuper Eagles.
