Kuthe dwe kuMngqithi, usebheke ukwenza okufanayo kwiligi
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uncome ukunqoba kweqembu lakhe ngo 4-0 kwiMbabane Swallows ngoMgqibelo.
Lokhu kunqoba kuze emdlalweni womlenze wokuqala wesigaba sokuhlunga seCaf Champions League eLucas Moripe Stadium e-Atteridgeville.
Lokhu kunqoba kube yisikhuthazo esidingeka kakhulu kwiSundowns, ikakhulukazi kuye uMngqithi.
Bekuwukunqoba kwabo kwesibili selokhu uMngqithi athatha izintambo njengomqeqeshi.
Futhi ukholwa ukuthi kuzonikeza iqembu lakhe ukuzethemba ngaphambi kokuqala kwesizini yeBetway Premiership.
iSundowns beyizenzela kuleli qembu lase-Eswatini kusukela umdlalo uqala waze wayophela. Bekungeho la bekubonakala isengozini.
UMngqithi ugcizelele ukubaluleka kwalokhu kunqoba, ikakhulukazi ngemuva kwezinselelo zakamuva.
“Sihlale sifuna ukudlala kahle emidlalweni yonke,” kusho yena ngemuva komdlalo.
“Uma singawinanga, kuba sengathi asenzanga okwanele.
“Umdlalo onjengalona uzosiza ukukhulisa isibindi eqenjini njengoba silungiselela isizini yeligi.”
Njengoba isizini entsha isiqalile, uMngqithi uyazi ukuthi kunengcindezi yokuthi iSundowns iqhubeke nokwenza kahle.
“Umncintiswano usuqalile, futhi akukho esingakwenza ngaphandle kokulwa.
“Kumele sigcine iqembu lisezingeni ebelikulo ngesizini edlule, futhi ngiyaqiniseka ukuthi sinabadlali abazokufeza lokho.”
ISundowns manje izobheka ukuthwala le fomu iye nayo kwiBetway Premiership.
UMngqithi uzimisele ukwakhelaa kulo mphumela, njengoba isizini iligi iza nezinselelo ezintsha.
OLUNYE UDABA: UNabi uveza okubalulekile ‘ngendodana yakhe’ uVilakazi
ISundowns izoqala ukuvikela isicoco sayo seligi ngokubhekana nomakhelwane bayo basePitoli, iSuperSport United ngoLwesibili.