Bafana BafanaEzintsha

OweCongo uyivumile induku yeBafana, akanazaba

Omunye umqeqeshi ubengabambelela ekutheni iqembu lifike kuleli sekusele amahora ngaphansi kuka-24 umdlalo uqale.

Kodwa u-Issac N’gata weCongo-Brazzavile uthe lokho akuzange kube nomthelela ekutheni iBafana Bafana ibabhaxabule ngo 5-0. 

IBafana ivuke umbhejazane eNelson Mandela Bay Stadium, oTeboho Mokoena (amabili), Bathusi Aubass, Lyle Foster no-Iqraam Rayners bebhakuzisa inethi. 

Lokhu kunqoba kubeke iBafana eqhuwini kwilogi kaGroup K wemidlalo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations ka-2025 ezoba seMorocco. 

Bekuke kwanezixakaxaka ngeCongo kulandela ukuthi amaphoyisa egasele emahhovisi enhlangano eyengamele ibhola kuleli zwe.

Lokhu kubambezele ukuthi iqembu lifike kuleli, likwazi ukujwayela indawo nokuzilungiselela ngokufanele. 

Kodwa uN’gata, ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo, uthe lokhu akuzange kubathikameze, kodwa kube wukuhluleka kwabadlali bakhe. 

“Ngeke sizizwe sisesimweni esikahle ngemuva kwalo mphumela,” kusho uN’gata kwabethelevishini. 

“Size lapha sizimisele. Besifuna ukubaxina, sibacindezele, kodwa besibhekene neqembu elihle kakhulu – badlale kahle kakhulu. 

“Esiwombeni sokuqala asikwazanga ukubacindezela futhi sidlale kabi. Besingekho nhlobo emdlalweni. 

“Esiwombeni sesibili sithe uma sizama ukudlala, bavele baphinde bashaya igoli,” kuqhuba lo mqeqeshi. 

“Asikwazanga ukuzilungiselela ekhaya ngenza yesikhathi. Kodwa lokho akuyona inkinga, inkinga kube wukuzinikela. 

“Asibanga nomdlalo omuhle. Unozinti wethu ubenomdlalo omubi kakhulu namuhla – kube yileyo inkinga.” 

UN’gata uzothemba ukuthi iqembu lakhe lizokwenza kangcono uma selisekhaya emdlalweni womlenze wesibili ngoLwesibili.