
URiveiro unxenxa abaphathi bakhulule abangeneme
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, kubikwa ukuthi ufuna ukunciphisa isikwati sakhe.
Bathi ukhala ngokuthi ukugcina abadlali abaningi abangajabule ngokungadlali njalo kuzophazamisa umuzwa weqembu.
Ngokombiko weSoccer Laduma, abaphathi bePirates bazothatha izinyathelo ezinqala maduze ukugwema lokho.
Ngokwabangaphakathi, abadlali okukhulunywa ngabo nguSphamandla Gumede, abadlali basemuva uSandile Mthethwa noBandile Shandu, abadlali basesiswini uSiphelo Baloni, Azola Tshobeni, Goodman Mosele noKatlego Otladisa.
Kwezinye izindaba, kufakwe amaBhakabhaka ayisikhombisa esikwatini sokuqala seBafana Bafana kanti umqeqeshi uJose Riveiro ujabule.
Ngokusho kwalo mqeqeshi waseSpain, abadlali be-Orlando Pirates badinga isipiliyoni ukuze bangenele imidlalo yamazwe ngamazwe.
Uthi omunye wabadlali bakhe wabuya kwi-Afcon 2023 esevuthiwe futhi ezethemba.
“Ngicabanga ukuthi kubalulekile kubo, futhi ngethemba, singaba nalaba badlali abayisikhombisa nangaphezulu ngokuzayo.
“Kubaluleke kakhulu ukuthola ithuba lokudlala leyo midlalo. Kukunika nomthwalo wokumela iqembu lakho lesizwe,” kusho uRiveiro ngokweFARPost.
