
URiveiro ufuna iPirates iyeke umusa
- Sibongiseni GUMBI
UJose Riveiro ukholwa wukuthi i-Orlando Pirates ibe nomusa kuMaZulu FC ewashaye ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesihlanu.
Lo mqeqeshi odabuka eSpain ubona iPirates ingazange ikhombise ukuba bukhali nonya olufanele kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium.
IPirates inqobe ngo 2-1 wamagoli ashaywe umfana omncane uMohau Nkota esiwombeni sokuqala.
Ihlulwe yinqwaba yamathuba abebukeka elula esiwombeni sesibili, abengenza umphumela ube nzima kakhulu kuMaZulu.
“Sidlale kahle kuzo zonke izinhlaka zalo mdlalo,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo. “Bekunzima ekuqaleni, kwaze kwaba siyakhona ukubagqobhoza emuva, futhi ngemuva kwegoli izinto zibe lula, sakwazi ukudlala.
“Angijabulanga ngokuthi asikwazanga ukusebenzisa wonke amathuba esiwakhile esiwombeni sesibili.
“Bekumele sisheshe siqede ngalo mdlalo ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili,” kuchaza lo mqeqeshi.
URiveiro ugcizelele nokubaluleka kokuhlezi belwa umdlalo wonke, ikakhulukazi uma usuya emphethelweni.
Nokho ubuye waveza ukuthi uyabuqonda ubunzima bokudlala njalo ezinsukwini ezintathu.
“Ngenxa yokuthi asivalanga kahle emuva, sibavumele ukuthi babuyele emdlalweni ebesihamba phambili ngo 2-0 kuwo. Akufanele kwenzeke lokho.
“Kugcine sekungathi sesimincile emizuzwini emine yokugcina, kodwa ibhola libuye libe njalo.
“Kumele sidlale kuze kukhale impempe yokuqeda umdlalo. Kumele siqedele wonke amathuba futhi sifake umdlandla emizuzwini yokugcina.
“Noma kunjalo, ngicabanga ukuthi sidlale kahle ngoba akulula ukudlala njalo ezinsukwini ezimbili noma ezintathu.
“Yingakho ke sijabule ngalamaphuzu amathathu,” kusho uRiveiro osenqobe izindebe ezinhlanu eminyakeni emithathu kwiPirates.
IPirates inyukele esicongweni kwilogi yePremiership ngale wini, futhi ikhombise ukuzimisela ngampela ngesicoco seligi.
