
URivaldo Coetzee ezingxoxweni zokujoyina elePSL
Obengumdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uRivaldo Coetzee kubikwa ukuthi usezobuya kwiBetway Premiership maduze.
Iqembu elingadalulwanga lePremiership kulindeleke ukuthi liphothule isivumelwano naye ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo.
Ngokubika kweSoccer Beat, lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala usezingxoxweni ezisezingeni eliphezulu naleli qembu.
Yize lililodwa iqembu elihola umjaho wokumsayina, ezinye izimbangi zePremiership kukholakala ukuthi zisiqaphile isimo sakhe.
USEZINGENI, UNAMAVA
URivaldo Coetzee ubengenalo iqembu kusukela asuka eChloorkop cishe eminyakeni emibili edlule.
Isikhathi sakhe kwiMasandawana besikhungethwe yizingqinamba zokulimala okuphindelelayo eziphazamise ukukhula kwakhe eqenjini.
UCotezee ungumdlali osezingeni elihle okwazi ukudlala njengomdlali wasemuva okwazi ukuqala iminyakazo emuva, noma esiswini maphakathi nenkundla.
Ubeyingxenye yeqembu leMasandawana ebelizidlela amahlanga futhi elidle izicoco eziningi zeligi.
Usengomunye wabadlali abakhaliphe futhi abanamava kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
UMLANDO OMUBI
Noma yiliphi iqembu elimhalelayo cishe lizogcizelela ukumhlolisisa njengoba enomlando ongemuhle wokulimala okungapheli.
Ukulimala kwakhe kumvimbe ukuthi abuyele kwiBafana Bafana lapho eqale khona ukudlala eneminyaka engu-17 ubudala.
AMAQEMBU AMSHELAYO?
Ngenkathi ikilabhu okuyiyo ekhuluma naye njengamanje ingakaziwa, kuvela ukuthi kungenzeka kube phakathi kwalamaqembu:
- ISiwelele FC: Ikilabhu esivuselele imisebenzi yabadlali abambalwa abanamava ezinyangeni ezedlule.
Futhi njengamanje iyamdinga umdlali ozokwazi ukulawula isivinini somdlalo esiswini. - ISekhukhune United: Okwamanje ihlezi isithathu kwilogi futhi ibheke ukuqinisa isimo sayo.
IBabina Noko inayo imali efanele ukuthi ingakhona ukusayina umdlali osezingeni likaCoetzee.
Ngaphezu kwalokho, useke wazicija nayo phambilini ngenhloso yokuthi u-Eric Tinkler amhlole. - IGolden Arrows: Ukuphinde ahlangane nowayengumqeqeshi kwiSundowns, uManqoba Mngqithi nakho kungenzeka.
I-Arrows iziqhayisa ngabadlali abasebancane abanekhono elihel eqenjini layo.
Akungabazeki ukuthi umdlali onamava njengoRovaldo Coetzee angafika nokuhlukile,a size ukuqinisa ukhakhayi kubafana abancane. - I-TS Galaxy: Leli qembu laKwaMhlanga liyashoda kancane esiswini maphakathi nenkundla nasemiva.
UCoetzee angaba yilokho kanye okudingwa umqeqeshi u-Adnan Beganovic.
ISONTO ELIZAYO
Iligi ingena esigabeni esibheke emaphethelweni manje kanti idabhi yaseSoweto yiyo esematheni kule mpelasonto.
Kodwa abamele uCoetzee bafuna isiphetho esisheshayo ukuze baqinisekise ukuthi angabhaliswa futhi abuyele ekudlaleni ngaphambi kokusongwa kwesizini.
Uma uRivaldo Coetzee engahlala esesimweni, ngokungangabazeki ungumdlali otholakala mahhala ongcono kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika njengamanje.
FUNDA NALA | I-Al Ahly iphikisa eyokunxephezela uRiveiroÂ
Kunoma yiliphi iqembu eliphakathi nendawo noma ngasemsileni kwilogi, ukufika kwakhe kungaba umehluko emjahweni wokuqeda kwiTop 8.
