Ezintsha

URalani uveza ukuthi indodana yamxoshisa kanjani kwelePSL

Owayengumdlali wasesiswini weCape Town Spurs uSurprise Ralani uthi indodana yakhe, u-Emile Witbooi, yamlahlekisela ngomsebenzi kule kilabhu.

URalani ujoyine iSpurs ngo-Okthoba ka-2023 ngemuva kokushiya iMamelodi Sundowns. 

Nokho, itoho lasheshe laphela kuleli qembu njengoba akhululwa ngemva kwezinyanga eziyisithupha.

Ekhuluma kwiSports Night Amplified kwiMetro FM, lo mdlali oneminyaka engu-37 ubudala uveze okwenza kwashuba isimo waze wagcina ekhululwa.

Uthi ukushuba kwesimo kwaqala ngesikhathi uWitbooi esayina kwiCape Town City, eyizimbangi zeSpurs.

“Lapho umqeqeshi omusha efika, ngadlala imidlalo embalwa yokuqala ngaphansi kwakhe,” kuchaza uRalani. 

“Kodwa kwathi lapho kuvela izindaba zokuthi indodana yami ijoyina iCape Town City, izinto zashintsha.”

URalani uthi kwavela ukuthi abaphathi bekilabhu sebeyakungabaza ukwethembeka kwakhe ngenxa yokuvumela uWitbooi aye kwiCity. 

“Umqeqeshi wakuveza emhlanganweni wabadlali abadala lokhu, wathi abaphathi abajabule,” kuchaza yena.

URalani ukuphikile ukungathembeki, wathi uqale ukusolwa ngokungathembeki ngemuva kokuzwakala kokuthi uWitbooi uyindodana yakhe. 

“Ngaphambi kwalokho, kwakungekho nkinga ngokuzibophezela kwami,” kuqhuba yena.

URalani manje usekwiHungry Lions, kanti uthi wabe eseqala enganakwa ngumqeqeshi u-Ernst Middendorp ngemuva kokusolwa ngokungathembeki.