
UMashamaite ubona iChiefs ihudula izinyawo ku-Appolis
Owayengukaputeni weKaizer Chiefs uTefu Mashamaite usenxuse leli qembu lakhe lakudala ukuthi liqinise emkhankasweni walo wokusayina u-Oswin Appollis.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala, odlalela iPolokwane City njengamanje, ufunwa uthuli amaqembu ehlukene.
Uqale ukugqama esadlala kwiMotsepe Foundation Championship futhi ubebalulekile ekusizeni iqembu lakhe ukuthi liqinisekise ukukhushulelwa kwiligi ephezulu.
U-Appollis, osengumdlali obalulekile kwiBafana Bafana, uthathwa njengomunye wamathalente asemasha aseNingizimu Afrika athembisa kakhulu.
Bobabili iChiefs ne-Orlando Pirates bakhombisa intshisekelo yokusayina lo mdlali.
IChiefs izamile ukuthola lo mdlali ngewindi lokudayiselana ngabadlali elidlule, kodwa yehluleka.
Ngakolunye uhlangothi, iPirates nayo izibhekile ku-Appolis futhi imibiko yakamuva iveza ukuthi ingase imthole kuqala kuneChiefs.
IPolokwane City nokho ikubeke kwacaca ukuthi iyanqikaza ukuhlukana nalesi sihlabani sayo.
UMashamaite ukholelwa ukuthi u-Appollis uzoyifanela kahle iChiefs futhi wanxusa leli qembu ukuthi lisebenze kanzima ngaphambi kokuthi iPirates imhlwithe.
“Ngiyamangala ukuthi kungani iChiefs ithatha isikhathi eside kangaka ukumthola, ” uMashamaite usho kanje kwiDiski Times.
“Useqophelweni eliphezulu lomsebenzi wakhe futhi ukulungele ukuyothola inselelo elandelayo.
“KwiChiefs uzohlanganisa kahle nabadlali abafana noMduduzi Shabalala noGaston Sirino.”
Uxwayise ngokuthi uma iChiefs ihudula izinyawo, izosala incela izithupha ngoba ukwenza kahle kwePirates kwenza ikhange.
Uthi noma yimuphi umdlali uyakufisa ukuyodlala kwiPirates njengamanje ngoba yenza kahle futhi kunokuzwana esikwatini sayo.
“IPirates yenza kahle, okubenza bahehe kumdlali ofana no-Appollis. IChiefs kumele iqinise kakhulu uzoba wusizo olukhulu kuyo,” kwengeza uMashamaite.
