
UNtseki akaphoxekile ngeBafana, uzojika izinto e-Egypt
UJamie Webber ukhiphe iNingizimu Afrika emlilweni eshaya igoli elenze yadlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Egypt.
Bese kushubile ngesikhathi uWebber eshaya leli goli emdlalweni wokuhlungela iChan eFree State Stadium ngeSonto ebusuku.
UMohamed Hassan Hashem Abdelaal ubebeke izivakashi phambili ngomzuzu ka-66, eshaya ithula msindo legoli.
Kodwa uWebber, osezothuthela e-USA maduze esuka kwiSekhukhune United, uphendule ngesitayela.
Ushaye igoli lokulinganisa elihle, edonsa intambo engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-80.
Leli bhola lakhe lishiye ukapteni nonozinti we-Egypt uMahmoud Mohamed Kassem ethuphuluza, wezwa ngezihlwele ukuthi selisenethini.
Umqeqeshi uMolefi Ntseki uncome abadlali bakhe yize bengawutholanga umphumela abewufisa.
“Isakhiwo seqembu siyikho konke. Siqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyayiqonda indima yakhe, ngaphakathi nangaphandle kwenkundla,” usho kanje ngemuva komdlalo.
“Abafana benze kahle, kodwa umphumela awuzange ube muhle. Kusafanele siye e-Egypt emlenzeni wesibili.
“Sibone ukuthi bawuphathe kanjani umdlalo ngemuva kokushaya igoli, bedlalela ukudla isikhathi.”
UNtseki, obuyele kuleli qembu kusele usuku kudlalwe lo mdlalo, uthe ayimthusi i-Egypt ngoba sekukaningi ebhekana nayo.
“Ngike ngabhekana ne-Egypt izikhathi eziningi emazingeni aphansi naphezulu, ngakho siyazi ukuthi yini okufanele siyilindele.”
IBafana izohlala ekhempini kuze kube wuLwesine la izobe seyilibangisa khona e-Egypt ukuyodlala umlenze wesibili ngempelasonto.
Kumele ifike inqobe ukuze idlulele phambili. Lo mqhudelwano udlalwa ngabadlali abadlala kumaligi asekhaya kuphela.
Laba badlali abaqokiwe iningi labo lilizwa ngendaba ijezi emaqenjini abo ngakho yithuba lokubuyisa ifomu leli kubo.
